BATHEMBISA LUKHULU ABOZALO KU-SEASON 5

Ilanga - - Ezesimanje - LUCKY CAIN

BATHEMBISA ukuqhubeka nokuvundulula ikhono elisha abadidiyeli bomdlalo owuchungechunge ohamba phambili kuleli okhonjiswa kwiSABC 1, Uzalo.

Ngeledlule kuphelile ukuqoshwa kwesizini 4 yalo mdlalo kanti kumabonakude kulindeleke ukuba kuphele ngoNhlolanja (February). Ngokusho kukaMmamitse Thibedi ongumdidiyeli omkhulu eStained Glass Pictures okuyinkampani eqopha lo mdlalo, abantu mabalindele izinga eliphezulu kwisizini elandelayo.

“Siyazi kuningi abantu abakubhekile kithina njengoba siqophe umlando kule sizini ephelayo ngababukeli abaningi. Ngakho sinomsebenzi omkhulu wokuqhubeka lapho sigcine khona. Nakanjani sizoqhubeka nokuqopha umlando kumabonakude,” kusho uMmamitse.

UBongi Ndaba ongumbhali walo mdlalo, uqale ngokubonga abalingisi abashiyayo kuwona okubalwa kubo uGlen Gabela odlala indawo kaMfu Mdletshe, uNaymaps Maphalala odlala ekaMxolisi noNocxy Mabika odlala ekaThobile.

Uqhube wathi bazimisele ngokwamukela abalingisi abasha abazoqhubeka lapho kugcine khona laba asebehambile. Phakathi kwabalingisi abasha abalindeleke kulo mdlalo kukhona uNoxolo Mathula, uThuthuka noNkanyiso Makhanya abasebasha kwezokulingisa. Uzalo luqophe umlando kule sizini ngokuba nababukeli abafinyelele ku-10 million.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.