Imfundo nethalente kuvula iminyango

Ubengakaze aziphuphe eba nebhizinisi

Ilanga - - Ezesimanje - KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ ilanganews.co.za

UMCWANINGIMABHUKU ushiye ukubala imali wazibopha ngexhama kwabonakala kwezokungcebeleka ngokuvula indawo yobumnandi enedumela eMnini, eMgababa, ehanjelwa yizinkumbi zabantu.

Le ndawo ebizwa ngeCoastal Lounge, isebhishi lodumo okwaqoshwa kulona ezinye zeziqephu zefilimu yodumo, Inyakanyaka, okwabe kudlala kuyona osaziwayo okubalwa kubona uMabhunu Sabela, u-Alfred Nokwe, uNdaba Mhlongo noLuckyboy Mtshali.

ICoastal Lounge kaMnu Mondli Makhathini waseMagabheni, ivulwe ngoNhlangulana (June) kuwo lonyaka, kepha ngendlela enedumela ngayo, kungathi kade yaba khona.

Kule ndawo sekuba yinkinga ukuthola indawo yokupaka izimoto uma abathandi bobumnandi befika ebusuku ngehora lesi-9 ngezimpelasonto.

UMnu Makhathini - oneminyaka engaphansi kuka-40 ubudala - uyisifundiswa esinophaphe ekhanda, esifunde sagogoda kwezezibalo nokuhlolwa kwamabhuku namabhizinisi. Ufunde eSdelile High School, eMagabheni, waphothula uGrade 12 ngo-2000 wayokwenza izifundo zeNatural Management Cost and Management Accounting eMangosuthu Univesrity of Technology iminyaka emithathu. Usuke lapho wayokwenza iB.Com e-University of KwaZulu Natal maqede weleka ngeziqu zeB.Com Honours.

UMnu Makhathini ugcine emukelwa njengomcwaningimabhuku. Usebenzele izinkampani eziningi zimqasha, okumanje zisamlandela, zimcele ukuba azilungisele amabhuku.

“Bengivame ukwenza amagigi omculo njalo ngoMbasa (April) elokishini lakithi eMagabheni. bengibona ukuthi abaculi abaningi yindawo abangiyanikile. Ngiqale ukwenza la magigi ngo-2015 ngila

nda abaculi abaziwayo abantu bewathakasela. "La magigi abebizwa ngeCoastal Music. Ngonyaka odlule ngibonile ukuthi mangifune indawo ezoba yisizinda sobumnandi endaweni yakithi, abantu bangahambi amabanga amade beyofuna into esinayo nathi lapha eMkhomazi. Ngithole le ndawo eyayibizwa ngeSunlight Beach ngezikhathi zakudala, okuyilapho kwaqoshelwa khona umdlalo Inyakanyaka. "Ngicabe ihlathi ngingenayo imali etheni, ngaqala ngezakhiwo ezimbili njengoba sekwakhiwe ngisho nezindawo zokubhukuda ezinamashawa. "Ngalokhu senzela ukuba uma abantu bephuma ukuyobhukuda olwandle bakuthole konke lapha eCoastal,” kusho uMnu Makhathini. Uthi ubengakaze aziphuphe eba nebhizinisi lobumnandi, kodwa ukwenza la magigi yikho okumfake ugqozi wezwa esenentshisekelo yokungena kwezikaqedisizungu. “Bengiye ngilibukele kude leli bhizinisi, ngibone abanye abaziwayo bephumelela ngithi uyadela umnyovu owazibopha ngexhama kwabonakala, kanti nami ngizozibopha ngalo kubonakale.

" Kuhle ukuzama kunokuba umuntu ahlulwe wukuzama. Abantu abasha mabafunde bangathembeli kakhulu emathalenteni ngoba imfundo nethalente uma sekuhlangene, kwenza kube lula ukuphumelela namabhuku amabhizinisi ahleleke, abentela bangathuki sebedla ibhizinisi ngenxa yokweswela ulwazi,” kusho yena.

Kule ndawo kuvulwa uwayawaya nsuku zonke, kuhlale kunabasebenza ukuphekela abayodla nabazijabulisa ngeziphuzo.

Ushaywa wumoya wolwandle ubuke imikhumbi idlula iphikelele echwebeni laseThekwini. Kukhona nabaqaphe ukuphepha olwandle.

Ebuzwa ukuthi athini amalungiselelo okwehlukanisa unyaka, uthe: “Ngisho kusemanje ukuthi abantu mabaqale ukuyothenga amathikithi ngenyanga ezayo eComputickets ngoba siyokwemukela kuphela ababekise indawo ngoba nakanjani kuzobe kunyinyitheka, kukhona yonke inhlobo yomculi noDJ abaziwayo.”

IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE

UMNU Mondli Makhathini osezakhele udumo ngendawo yobumnandi, iCoastal Lounge, eMnini, eMgababa.

ICOASTAL Lounge isibukeka kanjena njengoba umnikazi wayo, uMnu Mondli Makhathini ethi yaqala ngamagumbi ambalwa.

UMA uzihlalele kamnandi kule ndawo esaqhubeka nokwakhiwa, ushaywa wumoya opholile ube ubuka nolwandle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.