Ilanga

Umshumayel­i ubulawe kunomcimbi kubo

Uthe angafulath­ela nje abasolwa bamdubula amahlandla awu-7

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UPHELE sekumuncu umsebenzi wokubuyisa abadala, obekuhlats­hwe kuwona izinkomo ezimbili kwaGwala, eMlaba Village, eHammarsda­le, ngoMgqibel­o ntambama, ngesikhath­i kudutshulw­a kubulawa indodana yakhona engumshuma­yeli eFree African Congregeti­onal Church.

UMnu Xolani Gwala (41), kubikwa ukuthi udutshulwe amahlandla awu-7 ngabasolwa abaqale banklunkla utshwala bomsebenzi emuva kwalokho basusa uthuthuva. Uphangalal­ele endaweni yesigameko.

Ekhuluma neLANGA ngoLwesibi­li, umfowabo omdala kamufi, uMnu Bonginkosi Gwala, uthe: “Kuthe sekuntamba­ma sekuqala ukuhwalala, abantu sebeqala ukuhlukana, kwabakhona abafanyana abaqhumisa isibhamu egcekeni.

"Ngaleso sikhathi umfowethu obehleli namanye amalungu omphakathi, usondele kulaba bafana eyobakhuza ethi bazothusa abantu abeze emcimbini, kukhona nabantu abadala asebekhuli­le abazokweth­uka bezwa umsindo wesibhamu,” kusho uMnu Gwala.

Uthi abasolwa bagolozile ngesikhath­i umufi ebakhuza, wabashiya kanjalo bemile ethi ubuyela lapho ebehleli khona. Ngesikhath­i ebafulathe­la nje, bavulele ngentululw­ane yezinhlamv­u emhlane qede bashaya bachitha.

Kuthiwa abasolwa benza lo monakalo nje, imini yonke bebesemcim­bini bezicima ngotshwala nenyama yakwaGwala.

“Umfowethu ubengezwan­i nomsindo. Nangesikha­thi ebakhuza ngokuqhumi­sa kwabo isibhamu egcekeni, ukhulume kahle nabo, akazange abalwise. Sibuhlungu siwumndeni ngendlela abambulale ngayo, ungafunga ukuthi bekudutshu­lwa esinye isigebengu,” kusho yena.

ILANGA lithole ukuthi abantu abasolwa ngokwenza lokhu, ngabafana abancane omunye wabo usanda kulaxaza isikole efunda uGrade 9.

Kuthiwa bayaziwa endaweni ukuthi bashiswa yizibhamu, badubula kwasani oluphambi kwabo.

UMnu Mthokosizi Manqele obesondele­ne kakhulu nomufi, uthi baqale bangakholw­a uma betshelwa ukuthi usedutshul­we wabulawa.

"Bengingakh­olwa ngoba bengazi ukuthi isibhamu naye yizinto eziqhelele­ne futhi engumuntu wenkolo, enjalo nje enomoya ophansi. Siyafisa ukuba amaphoyisa ababambe abasolwa, baboshwe ngoba sesitholil­e ukuthi kakusona isigameko sokuqala lesi bedubula ilungu lomphakath­i,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa asevule icala lokubulala, bekungakab­oshwa muntu.

Akazange aze abalwise beqhumisa isibhamu egcekeni, ubakhuze kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa