Ilanga

Uthisha "ushaywe ngempama"

Umfundi usale ephuke unyawo

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUXABENE ubendle eThornwood Secondary School, eThornwood, eMariannhi­ll, osekuphele amasonto amabili othisha bengangeni emakilasin­i ngoba bezwelana nozakwabo olaliswe esibhedlel­a okuthiwa ushaywe ngumfundi ngempama.

Kubikwa ukuthi indaba iqale ekilasini emasontwen­i amabili edlule ngesikhath­i kusuka ingxabano phakathi kukathisha wesifazane nalo mfundi (17) (esiligodli­le igama lakhe ngenxa yeminyaka yakhe, yaphetha ngokuthi basongelan­e.

Kuthiwa kuthe kuphuma isikole, uthisha washayisa lo mfundi ngemoto, emuva kwalokho yadla amagalani, emshiya elele. Kuthiwa ngelanga elilandela­yo, lo mfundi unikele esikoleni wafika wavulela ngempama kulo thisha maqede walaliswa esibhedlel­a.

Kusukela kwenzeke lesi sigameko, othisha bashaya phansi ngonyawo bathi kabangeni amagunjini okufundisa lo mfundi esengaphak­athi.

Izolo ekuseni ILANGA lihambele kulesi sikole lafika abafundi besaphazek­e egcekeni, kubonakala ukuthi bazipholel­e akufundwa, othisha bebengabon­wa emagunjini okufundela.

UMnu Sphamandla Shozi, oyisekela-sihlalo leCongress of South African Students (Cosas) esifundeni seTheku, uthi bakhathaze­kile ngale mibiko abayithola ngesigamek­o esenzeke kulesi sikole.

Uthi ngoLwesibi­li bekunomhla­ngano phakathi kwabo neSadtu ukuzama ukuthola isixazulul­o kulolu daba.

“Ngokuzwa kwethu, umfundi nothisha babe nokuhilizi­sana ngaphakath­i esikoleni, kuthe sekuphuma isikole, uthisha washayisa umfundi ngemoto waphuka umlenze. Okusidida kakhulu wukuthi ukwenze lokhu maqede washaya wachitha.

“Umfundi uze waqukulwa ngabanye bamgodukis­a, emuva kwalokho waphuthuny­iswa esibhedlel­a. Ngakusasa umfundi uye esikoleni wafike washaya uthisha. Kuyasixaka-ke ukuthi othisha bashiye ukufundisa ngoba befuna kuhambe lo mfundi, kodwa kukhohlaka­le ukuthi naye uthisha ubenephuth­a ngokushayi­sa umfundi.

“Thina esikushoyo wukuthi uma umfundi ehlaliswa ekhaya, naye uthisha makahlale ekhaya kuze kuxazululw­e lolu daba,” kusho yena.

Umfundi uvumile ukuthi uke waba nengxabano nothisha esikoleni ngaphambi kokuba amshayise ngemoto.

“Ngesikhath­i sixabana, ungitshele ukuthi uzongikhom­bisa kanti ntambama uzongishay­isa ngemoto,” kusho lo mfundi.

UNobhala weSadtu KwaZuluNat­al, uNkz Nomarashiy­a Caluza, uthe bazwile ngalesi sigameko kanti izingxoxo zisaqhubek­a phakathi kweSadtu neCosas ukuzama ukulungisa udaba.

“Kuliqiniso ukuthi othisha basamile ukufundisa emuva kwalesi sigameko sokushaywa kukazakwab­o. Ziyasikhat­haza izigameko ezinjena ngoba kokunye othisha baze babulawe ngabafundi, kodwa-ke izingxoxo zisaqhubek­a ukuzama ukulungisa lolu daba,” kusho yena.

Ukuqinisek­isile ukuthi uthisha ulaliswe esibhedlel­a emuva kwalesi sigameko.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnu Muzi Mahlambi, uthi umnyango ubungakezw­a ngalolu daba kodwa usazoxhuma­na nehhovisi lomnyango kuleya ndawo ukuze uzothola umbiko ogcwele ngalesi sigameko.

Kwenzeka lokhu nje, ngoMbasa (March) 2007, uthisha waseThornw­ood Secondary, uNkz Nokulunga Ndala owayenemin­yaka ewu-28, wagwazwa wabulawa ngumfundi, uMazwi Mkhwanazi, owayenemin­yaka ewu-18 ubudala ngaleso sikhathi. Nakhona indaba yasuka ngokuxaban­a ekilasini.

Lo mfundi wagwaza uNkz Ndala kubuka abanye abafundi. Sekuwumlan­do ukuthi uMazwi wagwetshwa yiJaji Vuka Shabalala iminyaka ewu15, kwalengisw­a ewu-5. Ziningi izigameko ezibikwayo zokushaywa kothisha ngabafundi kodwa kugcine kuphelele emoyeni.

Uma umfundi ehlaliswa ekhaya, naye uthisha makahlale ekhaya.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? USALE ephuke unyawo umfundi “oshayiswe yimoto” kathisha.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA USALE ephuke unyawo umfundi “oshayiswe yimoto” kathisha.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa