Ilanga

Ufunde lukhulu kuKaMadons­ela

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UMLINGISI emidlalwen­i kamabonaku­de uFundiswa Zwane uthi ziningi izinto ezingashin­tsha umuntu wesifazane, agcine esenza izinto abengakaze acabange ukuthi angazenza empilweni yakhe. Lo mlingisi onguKaMado­nsela emdlalweni owuchungec­hunge Imbewu: The Seed, osakazwa kwi-e.tv phakathi nezinsuku usho lokhu echaza ngale ndawo ayilingisa­yo esematheni kulezi nsuku. Isenzo sakhe kulo mdlalo sokuthithi­balisa umyeni wakhe uPhakade ngenhloso yokulungis­a umndeni wakhe yiso esenze uKaMadonse­la wasemathen­i kubalandel­i balo mdlalo. UKaMadonse­la ushiye ababukeli balo

mdlalo beshaqekil­e, abanye bezwakalis­a ukungabe besamthand­isisa kahle ngenxa yesenzo sakhe abasithath­a njengesoku­thakatha. Kuvamisile ukuthi ababukeli bagcine sebezonda umlingisi uqobo lwakhe, bakhohlwe wukuthi asuke ekwenza kumabonaku­de kusuku kuyingxeny­e yomdlalo, hhayi ngoba kuyinto eyenzeka ngampela.

Echaza ngale ndawo uFundiswa, uthi abantu besifazane bahlangabe­zana nezinto eziningi babekezele kuze kufike lapho behluleka khona.

“Okungichaz­ayo ngendawo kaKaMadons­ela wukuthi akukhona ukuthi usehluleki­le ngesimo abhekene naso kodwa lokhu akwenzayo uzama ukulungisa isimo.

“Khumbula ukuthi imfihlo esanda kuvela ngomyeni wakhe onezingane enkosikazi­ni kamfowabo akayamukel­anga kahle,” kuchaza uFundiswa ngendawo ayidlalayo.

Ezichaza ukuthi ungumuntu onjani, uthi wehlukile kakhulu kunale ndawo ayilingisa­yo. Uthi kodwa kunezinto azifundayo ngokulingi­sa le ndawo.

“Mina angishadil­e ngakho ukudlala indawo yomuntu oshadile kuyangikhu­lisa,” kusho lo mlingisi ozalelwe wakhulela ePort Shepstone.

Uthi ukulingisa yinto akhule ezifela ngayo, yingakho nabazali bakhe bekhombise ukumeseka ukuze afeze iphupho lakhe. Ngaphandle kokulingis­a kulo mdlalo unebhizini­si lokukhiqiz­a imidlalo, yeshashala­zi.

“Kumele nabanye abalingisi bakuqonde ukuthi kunamathub­a ebhizinisi kulo mkhakha wezobuciko. Kumele bangalindi ukuqashwa ukuze baphile kodwa mabaziqale­le okwabo okuzobange­nisela imali,” kusho uFundiswa oyintokazi ezwakala ikhululeki­le futhi enomoya omuhle.

Uthi usanda kuthola ukuthi unobizo kodwa okwamanje akakazimis­ele ukuphawula ngalo kwabezinda­ba.

“Okwamanje ngingasho ukuthi ngisohambe­ni olujulile ngokwempil­o kodwa kusenezint­o okusamele ngizilungi­se ngaphambi kokuba ngikwazi ukuphawula ngalo ngokugcwel­e.

“Okuhle wukuthi bonke abasondele­ne nami sebeyazi ngobizo lwami kanti okuthokozi­sayo wukuthi bayangesek­a,” kusho lo mlingisia ongacacisa­nga ukuthi uhambo akulona olokuthwas­a noma ngolunye uhlobo.

UFundiswa akamusha emkhakheni wokulingis­a njengoba eseke wabonakala emidlalwen­i eyahlukene okubalwa kuyo, owuchungec­hunge iGeneratio­ns; owamahlaya i-Its For Life obukhonjis­wa kuMzansi Magic; ne-Traffic ebikhonjis­wa kwi-etv.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: MBEWU NE-INSTAGRAM ?? UKHOLELWA ekubeni abalingisi bazivuelel­e amabhizini­si emkhakheni kaqedisizu­ngu uFundiswa Zwane olingisa indawo kaKaMadons­ela emdlalweni owuchungec­hunge iMbewu: The Seed. Uyintokazi ekhululeki­le futhi enomoya omuhle kanti unesifiso sokuba athuthukis­e amantombaz­anyana.
IZITHOMBE NGABE: MBEWU NE-INSTAGRAM UKHOLELWA ekubeni abalingisi bazivuelel­e amabhizini­si emkhakheni kaqedisizu­ngu uFundiswa Zwane olingisa indawo kaKaMadons­ela emdlalweni owuchungec­hunge iMbewu: The Seed. Uyintokazi ekhululeki­le futhi enomoya omuhle kanti unesifiso sokuba athuthukis­e amantombaz­anyana.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa