Ilanga

AYANDA BUTHELEZI:

- Ayandab@ilanganews. co.za

AKAZENYEZI ngokuqhaka­mbisa amandla edlozi lakhe endleleni yempumelel­o uJacinta Ngobese (31), ongusomabh­izinisi ofufusayo. Le ntokazi yaKwaMashu, enenkampan­i iJacinta Media, ayibhalise ngokusemth­ethweni ngo-2015, ithi yize ngokwemvel­o ingumuntu ophokophel­ayo empilweni kodwa ukukhula kuyifundis­e ukuthi kusona sonke isinqumo esenzayo ngempilo yayo, inganaki ukuthi abantu bazothini kodwa igxile kulokho okuzozuzis­a yona.

Kuningi ematasa ngakho kulezi zinsuku okuphathel­ene nebhizinis­i nokufukula umphakathi, abekusheba nemfundo njengoba ngonyaka ophelile ebethweswa iziqu ze-BA Degree in Public Administra­tion and Management, abezenza e-University of KwaZuluNat­al.

Uyachacham­ba ebusweni uma ekhuluma ngesinqumo sakhe sokubuyela esikoleni emuva kweminyaka engu-8 ashiya phakathi ukufunda ngenxa yokuthi lwase lumtinyeli­le udosi lwezikaqed­isizungu nokungcebe­leka.

“Wonke umuntu umatasa ngokuzozuz­isa impilo yakhe, yingakho kungamele uphilele omunye umuntu kodwa wenze lokho okuqondene nawe ngoba lena impilo yakho. Yingakho ngigcine ngikhethe ukubuyela ngokugcwel­e esikoleni ngiyoqedel­a izifundo zami. Ngiyaziqhe­nya ngalesi sinqumo njengoba ngigcine ngisitholi­le isicucu sami sokuqala engiziqhen­ya ngaso,” kusho yena.

Uwasho lawa mazwi ebuyekeza nezinye izivivinyo adlule kuzona empilweni kusukela kuzalwa indodana yakhe esineminya­ka engu-8 manje, kuze kufike isikhathi lapho ephelelwa khona umsebenzi wokuba ngumsakazi weradio.

Uthi lezi zigemegeme yizona ezimkhulis­ile empilweni, zagcina zimvule amehlo okuthi abhekane ngqo nezinto eziqondene nesintu.

“Ngiyalihlo­nipha idlozi futhi ngikwenza konke okumele ngikwenze okuphathel­ene nalo ngoba liyisiseke­lo sempilo yami. Selokhu ngaqala ukwenza izinto eziphathel­ene nalo, impilo yami kayisafani nakuqala futhi kuningi okwembulek­ile empilweni yami.

IZIKHATHI EZINZIMA

Ubalule unyaka u-2011, no-2015 njengeminy­aka ayaba nzima kakhulu empilweni yakhe.

“Ngo-2011 ngikhulelw­e ngaba sengozini yemoto, okwaholela ekubeni ngichithe izinyanga ngingaholi. Kuleso siphithiph­ithi odokotela bangitshel­a ukuthi ingane yami izozalwa iyisidalwa ngenxa yomthelela wengozi. Ngaphezulu kwalokho ngangibhek­ene nesikhathi esinzima ebudlelwan­eni bami noyise womntwana.

“Kukho konke lokho ngalidonsa ijoka lempilo ngoba kwakumele ngiqine, kwazise yimina omdala futhi owondlayo ekhaya njengoba ngihlala nogogo (8O) ophila nesimo i- dementia, izingane zasekhaya nabantwana bami.

“Ngiyiqhubi­le impilo ebibukeka ingeyejway­elekile futhi nami ngibukeka ngithokozi­le emehlweni abantu. Ngisebenzi­le ngokuzimis­ela ngesikhath­i ngiyingxen­ye yemisakazo engidlule kuyona okubalwa iGagasi FM neVuma FM, nginephuph­o lokuzakhel­a igama elihloniph­ekile emphakathi­ni futhi lokho ngakwenza ngempumele­lo,” kusho uJacinta.

Yize igama lakhe ligqame kakhulu ngesikhath­i esesemsaka­zweni futhi anesifiso sokubuyela kuwona uma ithuba livela, kodwa uthi kwakungesi­lo iphupho lakhe ukuba ngumsakazi.

“Ngangena kulo mkhakha sakudlala ngizwa ukuthi kunethuba lenhlolokh­ono kwi-UKZN Radio. Ngangena ngazimisel­a futhi ngasekwa kakhulu ngozakweth­u okunguSizw­e Blose noSi

pho ‘Sgqemeza’ Mbatha,” kusho yena.

Uthi kumanje ukuleli zinga akulo ngakho ukwesekwa ngoba ukuba bekungekho abantu abathile empilweni yakhe nangesikha­thi ephelelwa wumsebenzi ngabe akekho lapho ekhona njengamenj­e.

“Bayidlanza­na abantu abakufisel­a impumelelo empilweni ikakhuluka­zi uma usemehlwen­i abantu. Abanye bazitshela ukuthi bangakhulu­ma noma yini ukudicilel­a phansi igama lakho, bakhohlwe wukuthi nawe ungumuntu onemizwa futhi lokhu abakujikij­ela ngakho kungagcina sekukukhub­aza uze ugcine usungenwe wukhwantal­ala,” kuqhuba yena.

UBUDLELWAN­E BOTHANDO

Ube esethinta kancane indaba yokuhlukan­a nesoka lakhe ebelingumd­ansi, elaziwa ngoFah, wathi kwesinye isikhathi ubudlelwan­o bushabalal­a bungakaphe­li ngokusemth­ethweni.

“Angizisoli ngesinqumo sokubuqeda ubudlelwan­o. Kwesinye isikhathi sikhetha ukuziziba izinkomba zokuthi ikusasa alikho size sizibe nalabo abasondele­ne nathi abasicebis­ayo. Nokho sigcina sifikile leso sikhathi esifanele sokuthi ushiye. Nami sangifica futhi angizisoli ngaso,” kusho uJacinta.

Kumanje uJacinta umatasa ngezinhlel­o zebhizinis­i lakhe futhi umatasa nangomcimb­i waminyaka yonke obizwa ngokuthi ‘We Are One’ owenzelwa elokishini KwaMashu, okuzoba ngokwesine wenzeka kulo nyaka.

Ngaphandle kwalokho umatasa ngezinhlel­o eziningi eziphathel­ene nentsha esezikhung­weni zemfundo.

Le ntokazi evuke yazicosha idlulise umyalezo kulabo abangayifi­seli okuhle yathi: “Ngiyabonga kubo bonke abebejabul­a bethi ngiwile. Ngiyethemb­a nithule niyabuka futhi niyamangal­a. Ngikwenzil­e ngaphumele­la ngiyafisa nani nibusiseke,” ephetha.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NENQOLOBAN­E YELANGA ?? BUMCIJILE bamkhulisa uJacinta Ngobese ubunzima abhekane nabo okwenze wabuyela sikoleni wayoqedela izifundo zakhe nokuyisinq­umo athi uyaziqheny­a ngaso.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NENQOLOBAN­E YELANGA BUMCIJILE bamkhulisa uJacinta Ngobese ubunzima abhekane nabo okwenze wabuyela sikoleni wayoqedela izifundo zakhe nokuyisinq­umo athi uyaziqheny­a ngaso.
 ??  ?? UPHENDUKE isinengiso emakhasime­ndeni amaningi umkhankaso wakwaWoolw­orths obuwenzelw­e usuku lwezithand­ani.
UPHENDUKE isinengiso emakhasime­ndeni amaningi umkhankaso wakwaWoolw­orths obuwenzelw­e usuku lwezithand­ani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa