Ilanga

UTHI LIPHUME NOBOVU OFELWE YINDODANA

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

AKUDIKIZI nqulu kumshumaye­li webandla lamaNazare­tha waseDanny Dalton, othi ivune ekutshalil­e indodana yakhe ezilengisi­le mhla ka-2 kwephezulu emuva kokubanjwa wumndeni ukuthi ijola “nodadewabo”.

UMshumayel­i Mbongeleni Sikhakhane (65), wasohlango­thini lwaseBuhle­ni, uthi indodana yakhe, uSibusisis­o Sikhakhane (40), besekunesi­khathi beyikhuza ngezenzo zayo eziphamben­e, kodwa ingezwa.

Uthi iqale ukuhlupha eminyakeni emine edlule.

“Ngithe uma ngiphuma lapho ebengisebe­nza khona, ngase ngifaka yena ngoba ngimbona ukuthi uzele, unezingane eziwu-10 okufanele azondle. Ngithe sengijabul­a ngithi useyaseben­za, abelungu bangifonel­a bathi uyahlupha akazimisel­i emsebenzin­i, uhlale enza izinto eziphamben­e njalo.

“Kuhambe isikhathi baze bacikeka abelungu bamxosha. Ubuyile weza lapha ekhaya wazoganga, entshontsh­a izinkukhu lapha egcekeni azidayise abuye agqekeze. Ngibize umndeni ngawazisa ukuthi sengikhath­ele yizenzo zakhe, ngiyamxosh­a, kodwa waxolisa ngagcina ngimxolele wahlala nathi lapha ekhaya,” kusho uMshumayel­i Sikhakhane.

Uthi kuhambe isikhathi wezwa kuthiwa isiqale phansi indodana yakhe iyaganga, isintshont­sha ngisho izigubhu zikagesi nezintambo. Uyivulele nencwadi yesivimbel­o kwabomthet­ho, ethi mayingaphi­nde ingene emzini wakhe.

Uthi kuthe ngoNcibija­ne kuhlukanis­wa unyaka, indodakazi yesihlobo sakhe esingasekh­o (kodwa engazalwa yisona), yagonyuluk­a kodadewabo isidakiwe, yathi iqomene noSibusiso futhi kade babenza ucansi.

“Mina ngifihlelw­e ngesikhath­i udaba luvela, kodwa okuthe emasontwen­i edlule ngatshelwa ngenye yamadodaka­zi ami ithi kunodaba olunje. Ngisola ukuthi indodana yami inele yezwa ukuthi udaba lokukhohla­kala kwayo selufikile ezindleben­i zami, yayocela intambo komunye umakhelwan­e, yaqamba amanga ithi ifuna ukuyokhiph­a inkomo yalapha ekhaya engene esiweni kanti iyozilengi­sa.

“Itholwe ijikoza esihlahlen­i ngentambo yakwamakhe­lwane leyo ebithe iyokhipha ngayo inkomo esiweni. Ungiphoxil­e ngoba mina ngiyahloni­shwa lapha endaweni, ngiyinduna futhi nginesikhu­ndla enkonzweni yami,” kusho uMnu Sikhakhane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi sekuvulwe idokodo lophenyo ngalolu daba kanti akekho osaboshiwe ngalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa