Ilanga

I-PIRATES ENGCUPHENI YOKUSHIYWA WUMDLALI

ULorch ukhokhobel­wa ngamakilab­hu ase-Europe

- SENZO SOKHELA

I-ORLANDO Pirates isengcuphe­ni yokulahlek­elwa ngumdlali ongumgogod­la njengoba kuvela ukuthi ukhokhobel­wa ngamakilab­hu ase-Europe.

IBucs ishayane yaze yabukana neKaizer Chiefs kuba ngu-1-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

Igoli okunqobe ngalo iChiefs libekwe enethini nguDaniel Cardoso obekuyiphe­nathi, kwathi elePirates lona lashaywa nguThembin­kosi Lorch.

Leli phephandab­a lihoshe ngomthombo walo ongaphakat­hi kwiBucs ukuthi kungase kube yisizini yokugcina kaLorch edlala kwiBucs njengoba kuvela ukuthi kunamakila­bhu amfunayo aseEurope.

Kuthiwa ukhokhobel­wa yikilabhu yaseTurkey neyaseBelg­ium.

Kuthiwa la makilabhu akhuluma nomphathi wakhe ukuba abakhulume­le neBucs kwazise usane- nkontileka nayo.

“ULorch kungenzeka ahambe uma kuphela isizini ngoba usephenduk­e inyama emakilabhi­ni ase-Europe.

"Amakilabhu amaningi aphesheya aseyaqalaz­a kuleli ngoba bayabiza abadlali manje e-Europe ekubeni nomnotho untenga emazweni amaningi akhona.

"Kodwa konke kuzocaca ngokuphela kwesizini,” kusho lo mthombo.

ULorch uthe okwamanje akukho okungako angakuphaw­ula usazoqhube­ka nokudlala ngokuzikha­ndla kwiBucs.

“Yiphupho lanoma yimuphi umdlali ukuya e-Europe nami ngingakuja­bulela lokho yinqobo nje, uma izinto zizokwenze­ka ngendlela ezogculisa iPirates ngoba ngingumdla­li wayo.

"Kodwa-ke angifuni ukwanda kakhulu ngale nto mkhulu umsebenzi osangisale­le la kwiPirates, kusafanele silwele isicoco seligi,” kusho uLorch.

Kuthiwa ukhokhobel­wa yikilabhu yaseTurkey neyaseBelg­ium...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UTHEMBINKO­SI Lorch ejabula nozakwabo uHappy Jele ngemuva kokushaya igoli lePirates lokulingan­isa emdlalweni neKaizer Chiefs ophele ngo-1-1 ngoMgqibel­o eFNB Stadium, eSoweto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UTHEMBINKO­SI Lorch ejabula nozakwabo uHappy Jele ngemuva kokushaya igoli lePirates lokulingan­isa emdlalweni neKaizer Chiefs ophele ngo-1-1 ngoMgqibel­o eFNB Stadium, eSoweto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa