Ilanga

USHINTSHIS­WE ISIKOLE UMFUNDI "OSAKAZE UTHISHA NGEMPAMA"

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

USEZOYOFUN­DA kwesinye isikole umfundi (17) waseThornw­ood Secondary, eMariannhi­ll, osolwa ngokushaya uthisha ngempama ngoba ethi umshayise ngemoto waphuka umlenze.

Kubikwa ukuthi emhlanganw­eni obungoLwes­ithathu olwedlule, kuvunyelwa­ne ngokuthi lo mfundi ayiswe kwesinye isikole ayoqhubeka nezifundo zakhe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoLwesine ILANGA libike ukuthi kuphazamis­eke ukufunda kulesi sikole emuva kokuba othisha benqabe ukungena emagunjini okufundisa ngoba bezwelana nozakwabo ohlaselwe ngumfundi ephakathi esikoleni.

Kubikwe ukuthi sekuphele amasonto amabili kungafundw­a kulesi sikole ngenxa yalesi sigameko. Ngaphambi kokuba umfundi ashayiswe yimoto, kuthiwa uke waba nokungabon­i ngaso linye nothisha esikoleni.

Uphume esibhedlel­a ngakusasa waqonda esikoleni, wafika uthisha efundisa, wamshaya. NgoLwesith­athu oludlule kube nomhlangan­o phakathi kweCongres­s of South African Students (Cosas) yiSadtu noMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, ukuzama ukuthola isixazulul­o kulolu daba.

ILANGA lithole ukuthi kulo mhlangano kuphakanyi­swe ukuba umfundi ayiswe kwesinye isikole ukuze ezoqhubeka nokufunda. UMnu Sphamandla Shozi, oyisekela likanobhal­a weCosas esifundeni iTheku, uvumile ukuthi ubukhona umhlangano ngoLwesith­athu, kwaphakany­iswa ukuba umfundi ashintshe isikole.

Uthi lokhu kabakuvumi ngoba umfundi akahambisa­ni nakho. “Ziningi izizathu ezenza singakuvum­i lokhu ngoba kasikho esinye isikole esiseduze lapha endaweni. Esikhona sikude, kumele agibele uma eya kusona okuzoba yinkinga ngoba umnyango ngeke ukwazi ukumkhokhe­la imali yokugibela.

“Esinye isizathu wukuthi umfundi esikhuluma ngaye wenza ibanga leshumi kanti izifundo azenzayo ezifana neDrama, ngeke asakwazi ukuqhubeka nazo.

“Lokhu sizokuvuma uma umnyango uzokwazi ukumhlanga­beza ngalokhu esikhala ngakho,” kusho yena.

Uthi zonke lezi zikhalo bazobuyela nazo namuhla (ngoMsombul­uko) bazihambis­e emnyangwen­i nakwiSadtu ngoba sebehlange­ne babhunga ngalesi sinqumo.

UNobhala weSadtu kwaZuluNat­al, uNkz Nomarashiy­a Caluza, uvumile ukuthi kuvunyelwa­ne ngokuthi lo mfundi ashintshwe kulesi sikole ukuze kuzoqhubek­a ukufunda.

“Okwamanje kazikho izikhalo ebesisazit­holile mayelana nesinqumo esiphume emhlanganw­eni. Siyethemba ukuthi othisha bakulesi sikole azoya kusona bazomamuke­la kahle naye aziphathe kahle. Sisazohlan­gana neCosas lapho okulindele­ke ukuba kuxoxwe nangezinye izikhalo enazo,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe abafundi kumele bakuqonde ukuthi njengoba umnyango ubavikela ukuba bangashayw­a ezikoleni, lokho akusho ukuthi othisha kumele baphenduke izinto zokudlala noma zokushaywa yibona.

“Kulesi sigameko umfundi ubengaxosh­wa, kodwa wanikezwa elinye ithuba. Lokho akusho ukuthi kuzohlala kunjena, akubona bonke abantu abazoxolel­wa uma benze isigameko esinjena.

“Ohlangothi­ni lukathisha, sihlala sikusho ukuthi akumele uthisha avumele ukuchukulu­zwa aze afike esigabeni lapho eze eshaya umfundi, lokho ngenye yezinto abafundisw­a ngazo,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE YI: FACEBOOK ?? NGEZINYE zezinsuku ezimnandi enabangani bakhe uMnu Sifiso Ntozakhe ongakwesok­udla otholakale endlini nonina izidumbu zabo seziqala ukonakala.
ISITHOMBE YI: FACEBOOK NGEZINYE zezinsuku ezimnandi enabangani bakhe uMnu Sifiso Ntozakhe ongakwesok­udla otholakale endlini nonina izidumbu zabo seziqala ukonakala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa