Ilanga

Uthi akanandaba nokugxekwa uthisha wodumo

Uthi ngeke awushintsh­e usayizi wezingubo ukujabulis­a abantu

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UBONA ihaba ekudumeni kwakhe uthisha wesifazane osematheni, okuvela ukuthi ufundisa eCharlesto­wn High School, eVolksrust, ngaphansi kukaMasipa­la wesiFunda i-Amajuba, njengoba ethi kayikho into angayenza ukushintsh­a umzimba wakhe - okuyiwona omakhele abalandeli.

UNkz Lulu Menziwa (26), waseMfundw­eni, eNewcastle - obe sematheni ngokuma kahle ezinkundle­ni zokuxhuman­a, uthi akazi ukuthi kungani abantu bezihlupha ngokuthi ume kanjani nokuthi izingane azifundisa­yo ziyakwazi yini ukufunda noma zilibala wukubuka ukuma kwakhe.

Ekhuluma neLANGA ngokuduma kwakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a, uthe noma yini ayibuzwayo ucela ingahlanga­nisi isikole afundisa kusona ngoba akafuni ukusidumis­a kabi.

Okuqaphele­kayo ngaye wukuthi ukubizwa ngamagama ahlukene ngenxa yokuma kwakhe, yinto ayijwayele njengoba ethi ngisho ekhula, bekunabamb­iza ngamagama, amanye angemahle.

“Into abaningi abangayiqo­ndi wukuthi kangivukan­ga ngaba nalo mzimba, kepha ngazalwa nawo. Ngisho ngikhula bengiba nenkinga yabafana abazongibi­za ngamagama ayindelelo ngoba ngingafuni ukubaqoma.

"Namanje kusenjalo, kodwa ngazifundi­sa nje ukuthi ngikwamuke­le konke lokho,” kusho yena.

Uthi ubekujwaye­le ukuba sematheni ezinkundle­ni zokuxhuman­a phambilini, abanye bebabaza indlela ami ngayo, kodwa bekungakaz­e kube kuleli zinga okukulona njengamanj­e.

Uthi okuhle kukhona konke lokhu okwenzekay­o, wukuthi abasondele­ne naye bayamazi ukuthi ungumuntu onjani futhi bayameseka. Le ntokazi ibe sematheni kakhulu maphakathi nesonto eledlule ngevideo eyenzile lapho beyikhulum­a khona iziphendul­ela kwabebethi abafundi besilisa bafunda kanjani uma iphambi kwabo, bekhala nangendlel­a egqoka ngayo izingubo eziyibamba­yo. Kule video abantu bebekhala ngokuthi uNkz Menziwa akakwazi ukukhuluma isiNgisi esiqondile, bebuza ukuthi ngabe unguthisha onjani nezingane uzifundisa­ni engakwazi ukukhuluma kahle. “Uyazi kangibonan­ga lutho nje olungalung­ile ngalokho ngoba bengikhulu­ma ngizidlale­la. Esengikufu­ndile ngabantu wukuthi bahlale befuna into embi abazokunam­athisela ngayo. "Nakho lokho kakungihlu­phi ngoba umsebenzi wami ngiyawenza, ngiyawazi futhi ngiyawutha­nda, ngiwenza ngenhlonip­ho. Engikwaziy­o wukuthi izingane zami isifundo engisifund­isayo kukhona eziphasa ngo-90% ngoba uma ngiphambi kwazo nginguthis­ha, kasikho isikhathi sokudlala. "Kuyenzeka zincome ukuthi ngigqoke kahle, okuyinto engingayin­aki ngoba kazigxili kuyo, kwazise kusuke kufundwa,” kusho yena. Uthi kusukela esenyuvesi, ubengumunt­u othanda imfashini. Uthi uke wazama nokungena ekumodelen­i nokukhangi­sa ngezingubo. “Imfashini ngiyayitha­nda futhi akukho lapho kuthiwa uma unguthisha kumele ugqoke kabi. Lena yokuthi ngigqoka izinto ezingimpin­tshayo nayo ngiyayiphi­ka. "Ngeke ngigqoke usayizi ongangilin­gani ngenzele abantu. Le ntokazi ikhethe ukwenza ezobuthish­ela ngoba nabo ibivele ibuthanda. Njengoba inabalande­li abaningi kangaka kwi-Instagram, ithi yingoba vele idayisa ngezimpahl­a zokugqoka, okwenza ihlale ishutha izinto izimpahla zayo izigqokile.

“Izithombe ngizifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukukhangis­a ngezimpahl­a engizithen­gisayo ngaphansi kwelebuli yami, iMadam B. Ngizoyethu­la ngokusemth­ethweni ngoNtulika­zi (July) ngoba kangifuni kuthiwe sengiseben­zisa leli thuba uma ngikwenza manje,” kusho yena.

UNkz Meyiwa uthi unina uyameseka kakhulu. Akathandan­ga ukusho ukuthi ukhona yini ahlekisana naye, kodwa uthe akashadile. Ebuzwa ngesithomb­e sentokazi ebonakala ifana naye, ebonakala sengathi iqabulana nomculi we- gospel, uThinah Zungu, uqale wathi makangabuz­wa ngesithomb­e sangonyaka odlule, kodwa wagcina ephendule ngokuthi akayazi leyo ntokazi futhi yena akakaze abonane nalo mculi ubuso nobuso.

nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: INSTAGRAM ?? UTHI ziphasa kahle izingane azifundisa­yo uthisha odume kakhulu kulezi zinsuku, uNkz Lulu Menziwa. Imfashini ayigqokayo uthi kayibaphaz­amisi nakancane abafundi bakhe.
IZITHOMBE: INSTAGRAM UTHI ziphasa kahle izingane azifundisa­yo uthisha odume kakhulu kulezi zinsuku, uNkz Lulu Menziwa. Imfashini ayigqokayo uthi kayibaphaz­amisi nakancane abafundi bakhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa