Uthi akanandaba nokugxekwa uthisha wodumo
Uthi ngeke awushintshe usayizi wezingubo ukujabulisa abantu
UBONA ihaba ekudumeni kwakhe uthisha wesifazane osematheni, okuvela ukuthi ufundisa eCharlestown High School, eVolksrust, ngaphansi kukaMasipala wesiFunda i-Amajuba, njengoba ethi kayikho into angayenza ukushintsha umzimba wakhe - okuyiwona omakhele abalandeli.
UNkz Lulu Menziwa (26), waseMfundweni, eNewcastle - obe sematheni ngokuma kahle ezinkundleni zokuxhumana, uthi akazi ukuthi kungani abantu bezihlupha ngokuthi ume kanjani nokuthi izingane azifundisayo ziyakwazi yini ukufunda noma zilibala wukubuka ukuma kwakhe.
Ekhuluma neLANGA ngokuduma kwakhe ezinkundleni zokuxhumana, uthe noma yini ayibuzwayo ucela ingahlanganisi isikole afundisa kusona ngoba akafuni ukusidumisa kabi.
Okuqaphelekayo ngaye wukuthi ukubizwa ngamagama ahlukene ngenxa yokuma kwakhe, yinto ayijwayele njengoba ethi ngisho ekhula, bekunabambiza ngamagama, amanye angemahle.
“Into abaningi abangayiqondi wukuthi kangivukanga ngaba nalo mzimba, kepha ngazalwa nawo. Ngisho ngikhula bengiba nenkinga yabafana abazongibiza ngamagama ayindelelo ngoba ngingafuni ukubaqoma.
"Namanje kusenjalo, kodwa ngazifundisa nje ukuthi ngikwamukele konke lokho,” kusho yena.
Uthi ubekujwayele ukuba sematheni ezinkundleni zokuxhumana phambilini, abanye bebabaza indlela ami ngayo, kodwa bekungakaze kube kuleli zinga okukulona njengamanje.
Uthi okuhle kukhona konke lokhu okwenzekayo, wukuthi abasondelene naye bayamazi ukuthi ungumuntu onjani futhi bayameseka. Le ntokazi ibe sematheni kakhulu maphakathi nesonto eledlule ngevideo eyenzile lapho beyikhuluma khona iziphendulela kwabebethi abafundi besilisa bafunda kanjani uma iphambi kwabo, bekhala nangendlela egqoka ngayo izingubo eziyibambayo. Kule video abantu bebekhala ngokuthi uNkz Menziwa akakwazi ukukhuluma isiNgisi esiqondile, bebuza ukuthi ngabe unguthisha onjani nezingane uzifundisani engakwazi ukukhuluma kahle. “Uyazi kangibonanga lutho nje olungalungile ngalokho ngoba bengikhuluma ngizidlalela. Esengikufundile ngabantu wukuthi bahlale befuna into embi abazokunamathisela ngayo. "Nakho lokho kakungihluphi ngoba umsebenzi wami ngiyawenza, ngiyawazi futhi ngiyawuthanda, ngiwenza ngenhlonipho. Engikwaziyo wukuthi izingane zami isifundo engisifundisayo kukhona eziphasa ngo-90% ngoba uma ngiphambi kwazo nginguthisha, kasikho isikhathi sokudlala. "Kuyenzeka zincome ukuthi ngigqoke kahle, okuyinto engingayinaki ngoba kazigxili kuyo, kwazise kusuke kufundwa,” kusho yena. Uthi kusukela esenyuvesi, ubengumuntu othanda imfashini. Uthi uke wazama nokungena ekumodeleni nokukhangisa ngezingubo. “Imfashini ngiyayithanda futhi akukho lapho kuthiwa uma unguthisha kumele ugqoke kabi. Lena yokuthi ngigqoka izinto ezingimpintshayo nayo ngiyayiphika. "Ngeke ngigqoke usayizi ongangilingani ngenzele abantu. Le ntokazi ikhethe ukwenza ezobuthishela ngoba nabo ibivele ibuthanda. Njengoba inabalandeli abaningi kangaka kwi-Instagram, ithi yingoba vele idayisa ngezimpahla zokugqoka, okwenza ihlale ishutha izinto izimpahla zayo izigqokile.
“Izithombe ngizifaka ezinkundleni zokuxhumana ukukhangisa ngezimpahla engizithengisayo ngaphansi kwelebuli yami, iMadam B. Ngizoyethula ngokusemthethweni ngoNtulikazi (July) ngoba kangifuni kuthiwe sengisebenzisa leli thuba uma ngikwenza manje,” kusho yena.
UNkz Meyiwa uthi unina uyameseka kakhulu. Akathandanga ukusho ukuthi ukhona yini ahlekisana naye, kodwa uthe akashadile. Ebuzwa ngesithombe sentokazi ebonakala ifana naye, ebonakala sengathi iqabulana nomculi we- gospel, uThinah Zungu, uqale wathi makangabuzwa ngesithombe sangonyaka odlule, kodwa wagcina ephendule ngokuthi akayazi leyo ntokazi futhi yena akakaze abonane nalo mculi ubuso nobuso.
nonhlakaniphos@ilanganews. co.za