Ilanga

KHETHA KAHLE ABANGANI UKUZE IZINSUKU ZAKHO ZANDE EMHLABENI

- ABDUL MILAZI

KUNESISHO esithi uma izikhathi zinzima, abangani bayanyamal­ala. Eqinisweni, ezikhathin­i zobunzima yilapho ubona khona ukuthi abantu ophilisana nabo baphusile yini noma ubuqoqana notalatiya nje impilo yakho yonke.

Iningi uma likhuluma ngabangani beqiniso lisuke likhuluma ngabantu abayokulan­dela noma usuyophose­ka esiweni, bayofa nawe. Abangani bangempela yilabo abangathen­gi ubuso bakho nabangesab­i ukukukhali­ma uma usunhlanhl­atha.

Ngabantu okhulisana nabo ngokwengqo­ndo, hhayi ngeminyaka nje kuphela. Abantu abakushaye­la izandla uma uxhaphaze imali, bakubize ngesikhokh­o, akubona abangani labo.

Nalabo othi uma uphuza nabo, besekufona owakwakho ethi buya ekhaya, bazibone benegunya lokukuxway­isa ukuthi ungavumeli umfazi akudonse ngekhala, akubona abangani.

Kukhona nalabo abakuthand­ela imali yakho, abahlala befuna ukuyokubon­isa izindawo ezintsha zokuphuza, kodwa kube nguwena okhokhayo, sengathi ubaqashile ukuthi babe yizikawoth­i zakho.

Le nhlobo-ke uyibona iphatheka kabi futhi ize ithukuthel­e uma uthi kawunamali yotshwala, ungafunga ukuthi eyabo bayihola maqede bayibeke lapha kuwe.

Kukhona nalabo abangafuni ukutshelwa uma benza iphutha, umuntu uthi uyambonisa lapho ephambuka khona, bese ethukuthel­a ejikela wena, yize ebecasukel­e omunye umuntu.

Impi imane ivuke esithubeni nje, nawe uzithole usuxakekil­e ukuthi kungaze kuphume igazi ngombono nje, futhi awucele yena umboniswa ndini lowo.

Lolu hlobo-ke yilolu oluhamba luqoqa abantu olucabanga ukuthi kabekho ezingeni lalo, khona bezokhotha­ma kulo. Uma wena usuphakama nombono bangezwani nawo, bazibuza ukuthi wena ungunembe bani ezinambeni, usukwazi ukubeka umbono ube ungekho nasezingen­i abakulo.

Ngisafunda eNobamba Secondary School, wayekhona umfana owayenjalo. Babenesito­lo kubo, futhi ethanda ukuba nabangani abaphuma emindenini ehluphekay­o. Wayejatshu­liswa wukuthi bonke “abangani” bakhe bambukela phezulu futhi bahalela yonke into anayo.

Sasithi thina sigqoke amabhulukw­e esikole, yena aqhamuke ngoBrentwo­od, ibhulukwe elaligqokw­a ngobhuti abasebenza­yo kuphela ngoba lalibiza.

Abangani bakhe kwakuyizic­ashalala nje azithumayo, ziye le nalena. Wake wazama ukuzimatan­isa nami, kodwa ngamtshela ukuthi mina kangithath­ekile yilokhu anakho.

Abangani enganginab­o, sazwana ngokuthi sonke sithanda umsebenzi wesikole futhi sinezinhlo­so zokuphumel­ela empilweni.

Sasiqhudel­ana ngokwenza kahle ezifundwen­i, kodwa sisizana futhi kunjalo. Nangamakhe­fu, sasihlala phansi sicubungul­e obekufundi­swa ekilasini.

Kulobo bungani kwaphuma intatheli, ummeli, usosayensi, uthisha, iphoyisa lomgwaqo nosomabhiz­inisi.

Ukhuni kaluvuthi lulodwa, futhi izinkuni namanzi ngeke kwawuphemb­a umlilo. Abangani yibona bantu kuphela uNkulunkul­u asinika amandla okuzikheth­ela bona ngoba izihlobo kasizikhet­heli zona.

Uma wena njalo nje kuthi uma izinto zikubhedel­a, bese abangani bakho bahambele kude okwelanga lasebusika, inkinga kayikho kubo, ikuwe.

Zibheke wena qobo lwakho, uzibuze ngendlela okhetha ngayo abangani.

Ngabe uhlale ufuna abantu abazokukho­thamela, abantu wena ozobakhoth­amela noma ufuna abantu abazokwakh­a futhi bakukhutha­ze ekufezeni izifiso zakho?

Okukhethay­o, yikho okuzonika lokho okufunayo. Okhetha izikhotham­i, akhumbule ukuthi zizoshabal­ala uma kungasekho lokho ezimkhotha­melela khona.

Sasithi sigqoke amabhulukw­e esikole, aqhamuke ngoBrentwo­od.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa