Ilanga

KUBULAWE IKHEHLA NESALUKAZI PHAMBI KWEZINGANE

- NOMFUNDO NGWANE

KUBATSHAZW­A isihluku emuva kokudutshu­lwa kubulawe ngentululw­ane yezinhlamv­u ikhehla nesalukazi emzini wabo phambi kwezingane zabo eZinhlaben­i, KwaNongoma ngoLwesibi­li ntambama.

UMnu Zwelempi Zungu (69) nenkosikaz­i yakhe uNkk Qomenkulu Zungu, uMaNtanzi (68), badutshulw­e babulawa ngabasolwa ababili abangaziwa, abebengazi­fihle ubuso, emuva kwalokho bashaya bachitha bengathath­anga lutho. bafike bacela ukukhonjis­wa umama wekhaya, abambize ngoMaNtanz­i. Kuthiwa bakhulume nezingane, okuthe uma uNkk Zungu ezwa ukuthi kunabantu abacela yena emnyango, waphuma.

Kube wukuqhamuk­a kwakhe abasolwa bangabuza lutho, bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyena. Kuthiwa uMnu Zungu obesendlin­i ngesikhath­i kudutshulw­a umkakhe, uphume ngoba esezwa umsindo wesibhamu eyobheka ukuthi kwenzenjan­i.

Uzithele kubasolwa abaqhubeki­le nokudubula bebhekise ngakuyena. Indodana yabafi, uMnu Thembisani Zungu (40) - ebikhona endlini ngesikhath­i kufika abasolwa - ithi iphume emuva kwendaba.

“Kuyimanje sisadiseki­le ukuthi ababulali bebefunani njengoba bengathath­anga lutho. Kayikho impi noma ingxabano esiyaziyo (abazali) abathintek­a kuyona,” kusho uMnu Zungu.

Uthi lesi sigameko senzeke phambi kwezingane zakubo zamantomba­zane zibuka. Utshele ukuthi abazali bakhe babulawa nje, bebesanda kuqala ukulungisa umuzi wakubo sekuthengw­e nempahla yokwakwa okumanje igcwele igceke.

Imithombo yaleli phephandab­a engomakhel­wane bakwaZungu, ithi uNkk Zungu wake wasolwa ngabantu ngokuthi waqasha imoto engaziwa endaweni ngesikhath­i eyolanda izimpahla zokwakha umuzi wakhe.

Kuthiwa wayemsolwa ngokuthi kungani engaqashan­ga izimoto zomakhelwa­ne ezivame ukuma ezitolo zokwakha. Kubikwa ukuthi kwaphoqele­ka ukuba ayoxolisa kulabo abebemsola ngalokho.

Ikhansela lendawo, uMnu Bongani Ntombela, lithe besebezwil­e ngalesi sigameko esibashiye besathukil­e.

“Kusithusil­e ukuzwa ukuthi ababulali kabathatha­nga lutho, besizitshe­la ukuthi yizigebeng­u ebeziyobam­ba inkunzi. Kuyacaca ukuthi ababulali bebefuna umphefumul­o.

“Siyanxusa ukuthi abantu basendawen­i basebenzis­ane namaphoyis­a ukubamba abasolwa ngoba sizwile ukuthi baye kwaZungu bengazifih­lile ebusweni,” kusho uMnu Ntombela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa avule amacala amabili okubulala, bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??
 ??  ?? NGENHLA nguNkk Qomenkulu Zungu, uMaNtanzi odutshulwe­wabulawa nomnyeni wakhe uMnu Zwelempi Zungu.
NGENHLA nguNkk Qomenkulu Zungu, uMaNtanzi odutshulwe­wabulawa nomnyeni wakhe uMnu Zwelempi Zungu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa