Zithole zishisa ezobumnandi okhozini FM

Isolezwe ngeSonto - - EZEMISAKAZO -

Sithakela Isizwe Ukhozi FM NgoLwesine 20.10 IZOBE iziphaka zishisa bhe ezokungcebeleka intatheli yeSolezwe ngeSonto uDeli Mncwabe ohlelweni lukaVukile Nongcebo Mckenzie nophrojusa uHlengiwe Mbatha uSithakela Isizwe.

Kusukela kwezithinta osaziwayo bakuleli bemikhakha ehlukene, izingonyuluka zezincwadi ezixabanisa imindeni, ukuhlaziywa komcimbi wezindondo zamaGrammy konke kukhona.

UDeli, uzozeneka zonke kusuka kwezalapha eNingizimu Afrika nezamazwe ngamazwe. Izindaba ezizobe zidingidwa zizophinda zitholakale zigcwele kwiSolezwe, Isolezwe ngeSonto neSolezwe ngoMgqibelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.