Kuvuke umunyu umlingisi evalelisa kuSfiso

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

KUSHUBE umoya isilomo somlingisi weSibaya esidlala kuMzansi Magic sifikelwa umunyu ngokulahlekelwa ngumngani weminyaka enkonzweni yomngcwabo ebiseMoses Mabhida Stadium izolo.

UMenzi Ngubane uchazele izinkumbi zabantu ngobungani obuhle nangendlela abahlangana ngayo nomculi wokholo uSfiso Ncwane ngo-2001.

UNcwane udlule emhlabeni ngoMsombuluko ngemuva kokugula isigubhukane waze wangeniswa esibhedlela iFourways Life eGoli.

UMenzi ubengumngani noSfiso iminyaka futhi ubudlelwano babo bebuqinile.

“Le nsizwa ngiyazi kudala ingakaziwa njengomculi wokholo ovelele. Wayencoma indlela engilingisa ngayo wathi kimina ‘bhuti uyangidlalela’, ngabonga. Saxhumana kahle kusukela ngalelo langa,” kusho UMenzi.

Uthe uSfiso wabe esemtshela ngephupho lakhe lomculo. UMenzi waxoxela uMax Thango othile owasiza waxhumanisa uSfiso noTshepo Nzimande.

“Akuthathanga isikhathi uSfiso wangitshela ukuthi useqalile ukuqopha. Kwaba nenkinga sekufanele ayothwebula izithombe zeCD. Weza wazongitshela ngavele ngamnika isudi engangisayigqoke kambalwa enavy.”

UMenzi ukhuluma nje bezehla izinyembezi ngenxa yeminjunju nokungakholwa ukuthi umngani wakhe udlule ngempela emhlabeni.

Uthe kuningi okwenzekile empilweni yabo okubenze bazwana kakhulu. Ethola izindaba zokudlula kukaSfiso uthe ubeqopha kwiSibaya.

Kuthe uma ebheka ucingo kade elivalile wethuswa yinqwaba yezingcingo nemiyalezo emduduzayo. Kumthusile lokho waze wafonela uMzwakhe Mbuli naye obethumele umyalezo oziqinisekisile izindaba.

Kuphoqeleke ukuthi ikhwaya ebivivile esteji iqale iculo ngenxa yokuthi uMenzi ubesegajwe ngumunyu ngenxa yokuphatheka kabi. Lokhu kukhalise izihambeli ebeziphume ngobuningi bazo yize imvula beliyithela.

Uvalelise kumngani wakhe wathi “Hamba kahle Ncwane, hamba kahle qhawe,” kusho uMenzi.

UMenzi, ududuze umkaNcwane, u-Ayanda, umndeni nabo bonke abasethunzini elimnyama ngenxa yokushiywa ngoSfiso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.