UBrenda Ngxoli uchaza okumenze wadikila

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

UPHUMELE obala ngokushiya kwakhe Uzalo umlingisi oqavile kuleli.

NgeSonto eledlule Isolezwe ngeSonto libe yiphephandaba lokuqala ukudalula izindaba zokulaxazwa koZalo lwakuSABC1 yisihlabani somlingisi uBrenda Ngxoli.

Ingcindezi yabantu ngemuva kokuphuma kodaba abebembuza imenze wakhuluma ku-instagram wakhe.

Uthe: “Ngaphandle kokuveza okuningi ngithanda ukuveza ukuthi ngibone sengathi bengicekelwa phansi ngase ngishiya. Ngichithe isikhathi esiningi ngingalali ngisho ebusuku ngenza ucwaningo ngisebenza ngokuzimisela kodwa ekugcineni ngavele ngabaleka. Sengiyazi manje ukuthi abadidiyeli bakuthanda kakhulu uma uyisigqila sabo futhi uyisiduphunga,” kusho uBrenda.

Ngesikhathi ephawula ngeSonto eledlule ngokushiya kukaBrenda kulo mdlalo, lowo okhulumela Uzalo uMarang Setshwaelo uthe akashiyanga nje kodwa bese kuphele inkontileka yakhe.

“Njengabanye abalingisi esike saba nabo phambilini nakuyena uBrenda kuphele inkontileka yakhe. Akukho okungalungile okwenzekile ngokuhamba kwakhe. Bekuhleliwe futhi kuvunyelwene.”

Imithombo yeSolezwe ngeSonto ngesikhathi ipotshoza lolu daba ithe bonke basashaqekile ngalolu daba.

Ithe kumenyezelwe ngaphakathi ukuthi uBrenda ngeke esaba yingxenye yalo mdlalo kungalindele muntu.

“Sethuke koma nasozwaneni sitshelwa ukuthi uBrenda ngeke esaba yingxenye yoZalo. Asinikwanga sizathu ngokushiya kwakhe,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe ubukhona bukaBrenda benze wonke umuntu wabona lo mdlalo uzothakaselwa nakakhulu ngababukeli futhi uzoheha.

Kuthiwa ubezodlala ewuhlanya uBhatshutshu. Ngenxa yokushiya kwakhe isigubhukane sekubhekwa omunye ozongena kulesi sikhala sakhe.

Lokhu kuzokwenzeka phezu kokuthi ebeseqophe umsebenzi omningana. Ngokuthola kwabangaphakathi wonke lowo msebenzi uzocishwa uqalwe kabusha ngozongena esikhaleni sakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.