Uqweqwe lushiye phansi Uzalo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ngoBrenda oshiye kulo mdlalo eseshuthe umsebenzi omningana kodwa obungakavezwa kwithelevishini.

Umthombo waleli phephandaba ongashayi eceleni uthe uMlangen-Nawa akabange esalinda ngisho kuphele isizini yesibili yalo mdlalo ngenxa yokucasuka.

“UDon uthe yena ngeke aze ayimele lemfishimfishi yoZalo ngemuva kokungaboni ngaso linye ngokunyuselwa umholo,” kusho umthombo.

Okhulumela uZalo uKoketso Phala akavumanga futhi akaphikanga ukuthi uNawa usewushiyile lo mdlalo kodwa wathi ngeke akwazi ukuqinisekisa lokho.

“Engingakuqinisekisa ukuthi kunabalingisi abasha abeza kuZalo. Amagama abo sizowamemezela ukuqala kwesonto ngoba sisalinde ukuthi luqinisekiswe uhla lwabo.

“Engingabaveza uLuthuli Dlamini noGlen Gabela bona osekuqinisekisiwe ukuthi bayeza kuZalo,” kusho uKoketso.

Khonamanjalo uKoketso uphinde wakuqinisekisa ukuthi ngesizini yesithathu ezoqala ngoFebhuwari wonyaka ozayo yalo mdlalo usuzokhonjiswa izinsuku ezinhlanu esontweni.

Okwamanje usakhonjiswa ezintathu kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.