AbakwaMpisane nomyalelo wokushaqwa kwempahla

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ZIBUKEKA zizoba noKhisimusi ongemnandi izimpunyela zaKwaZulu-Natal uMnuz Sbu noNkk Shauwn Mpisane emuva kokuba kuphume imiyalelo emibili yenkantolo yokuthi “kushaqwe” impahla yabo.

Le miyalelo yakhishwa yiziNkantolo eziPhakeme ePitoli naseThekwini ngoNovemba 11 no-24.

ISouth African Revenue Service (Sars) iphenya ezezimali zalezi zimpunyela ngaphansi kweTax Administration Act ngezinsolo zokudoja intela ngonyaka wezimali ka-2014/2015.

Umyalelo “wokusingatha” impahla wumyalelo wenkantolo onqabela umkhokhi wentela ukuthi achithe noma adayise impahla yakhe, kuze kuphothulwe uphenyo.

Uphenyo luqondene nezinkampani ezinhlanu zakwaMpisane neSbusha Trust.

Umyalelo “wokugcina” impahla ubhekiswe kwiZikhulise Cleaning Maintenance and Transport CC, Zikhulise Auto Restorers CC, Inyanga Trading 559 (Pty) Ltd, Royal Eagles Football Club neZikhulise Auto Recoveries (Pty) Ltd.

AbakwaMpisane bebenikwe izinsuku eziyisikhombisa, kusukela kukhishwe umyalelo, ukuthi bayise izimoto zabo kwaSars kodwa bangakwenza lokho.

Ngenxa yaleso sizathu izimoto zabo zithathiwe ngoLwesithathu.

Banamapulazi eMaritburg nomuzi eLa Lucia nezimoto ezingu-128.

Ezimotweni abanazo kukhona i-Aston Martin Rapide, iDodge RAM, Mercedes X222 Maybach, Ferrari 612 Scaglietti, McLaren MP4-12C, amaBMW 7 Series, 1 Series, ne-4 Series.

AbakwaMpisane abakawuphikisi umyalelo. Imizamo yokuxhumana nabakwaMpisane ukuze baphawule ayiphumelelanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.