Kuhlukane izithandani ebeziyizintandokazi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

MPILO yobukhazikhazi yosaziwayo ivame ukulandelwa ngabantu abasuke befisa ukwazi ngokwenzekayo kubona.

Uma kuhamba kahle kulowo saziwayo babodwa abambongelayo nabahalaliselayo. Lokhu kuvame ukugqama kakhulu uma leyo ntandokazi kasaziwayo isothandweni.

Abalandeli babo abasezinkundleni zokuxhumana basuke benake konke okwenzekayo ngenhloso yokuhlezi bazi ngokwenzeka kulabo abathandanayo.

Lokhu kubonakale kulo nyaka

Ingesikhathi kuqala ukuvela kwezindaba zokuthi unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune noSbahle Mpisane bayathandana.

Bajatshulelwa yize kwakukhona ababekugxeka ukuthandana kwabo ngenxa yokuthi uKhune ubesanda kuhlukana nosaziwayo uMinnie Dlamini okuthiwa ukhule engumngani noSbahle.

Ukuhlukana kwabo kwabajabulisa labo abebengahambisani nabo, kwathi abebekuthokozela ukubabona, bajabha.

Phezu kokuthi uCassper Nyovest noBoity Thulo behlukana ngoDisemba 2015 kodwa udaba oluphelele ngokuhlukana kwabo luvezwe uBoity kulo nyaka ngemuva kwenqwaba yemibuzo kubalandeli babo.

Umethuli wezinhlelo uLlala Hirayama noChris Nkosi behlukane ngemuva kweminyaka emihlanu bendawonye. Kwethusile lokhu ngoba baningi abebebabona bengabantu abebefanelwe wukuhlukaniswa wukufa.

Umshado womculi we-jazz uJudith Sephuma noSimphiwe Mahlambi uphele kabi kulo nyaka. UJudith waveza ukuthi nguyena ofake incwadi yesehlukaniso kodwa wangayidalula imininingwane.

Lokhu kulandelwe wukuphela komshado womethuli weTop Billing uLorna Maseko noGcina Lukhele. Nakuba singakaziwa isizathu sokuphela komshado kodwa kuke kwanamahlebezi okuthi kuke kwakhona okushaya amanzi phakathi kukaLorna nomethuli we- Expresso uKatlego Maboe.

Umethuli wezinhlelo uMinnie Dlamini uveze ukuthi uthenjiswe umshado. Akavezanga ukuthi ngubani omthembisile kodwa kuthiwa ngumthwebuli uQuinton Jones.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.