Sibheka okuyiyona ehamba phambili

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

UMBUZO osezindebeni zabaningi kulezi zinsuku ngothi, engabe yimuphi umculi waseNingizimu Afrika onengoma eshisayo ezohlukanisa unyaka.

Lokhu kungenxa yokuthi ziningi izingoma ezithakaselwayo futhi nezibukeka zizodliselana ogageni emashadini omculo. Sekufana nesiko ukuthi minyaka yonke kube khona ingoma abantu abasuke beyilindile ezodlalwa ngo-12 ebusuku.

Yize emaningi amashadi omculo, kodwa thina sibheka i-iTunes Music, App & Movie Charts South Africa. Kungenxa yokuthi ingenye yezinkundla lapho abantu bethenga khona umculo nokunye. Kuleli shadi izingoma zixutshiwe ngokweminxa ehlukene, kodwa sibheke ezekwaito ne-house ngokulandelana kwazo kuleli shadi.

Izolo, izingoma ebezisohlwini lwezithengwa kakhulu kuleli nezithakaselwa ezindaweni zobumnandi bezimi kanje: 1. Dr Malinga epike iTrademark- Akulaleki 2. Black Motion noNolwazi- Imali 3. Bhizer epike uBusiswa, SC Gorna

noTrigger Bhepepe- Gobisiqolo 4. King Monada- Ska Bhora Moreki 5. Babes Wodumo epike uMampintsha- Wololo 6. Euphonic eneMi Casa- Don’t Wanna Be

(Your Friend) 7. Black Coffee noShekhinah- Your Eyes 8. DJ Kent epike Dominic Neil- Love You Still 9. Bucie neBlack Motion- Rejoice 10. Lebo Sekgobela (Live)- Lion of Judah

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.