Amazwibela ka-2016

Isolezwe ngeSonto - - EZAMAZWE -

UZOKHUMBULEKA kakhulu u-2016 ngokunqoba kukaMnuz Donald Trump ukhetho lukamengameli waseUSA. Januwari: Unyaka uqalwe kabuhlungu ngomhla ka-2 iSaudi Arabia inquma abasolwa ngobushokobezi abangu-47 okwakukhona kubo nomfundisi wamaShia iSheikh Nimr al-Nimr.

Febhuwari: IWorld Health Organisation imemezela ukusabalala kwesifo iZika.

IMynmar ivula iPhalamende lokuqala elikhethwe ngokukhululeka eminyakeni engu50.

Ephreli: Kuputshuka amaphepha aveza uhlu lwabadoja intela emazweni abo aziwa ngePanama Papers.

Lokhu kuphoqa uNdunankulu wase-Iceland uSigmundur David Gunnlaugsson ukuba asule esikhundleni.

Kushona umculi uPrince.

Kuqubuka udlame eBurundi ngenxa yokunqoba kukaMengameli Pierre Nkurunziza.

Meyi: ILondon ikhetha iMeya yokuqala eyiMuslim uSadiq Khan.

URodrigo Duterte uwina ukhetho ePhilippine , uthembisa ukubulala abashushumbisa izidakamizwa, okuyinto ayenza ngempela.

E-India kumenyezelwa ukuthi isalukazi (70) sibelethe ingane yomfana. IBrazil ivotela ukumisa uMengameli Dilma Rousseff ngezinsolo zokwehlisa ngomlenze imali.

Ngayo le nyanga kuduka ibhanoyi le-EgyptAir iMS804 eMediterranean. Juni: Kudlula emhlabeni lowo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.