Zibakhalele abalande izinkomo zenhlawulo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

kumele zibalelwe elobolweni.

“Uma abakwaNgubane bemphikisa kulokho wakhetha ukuzozilanda zonke ngenkani. Bafike sebehlome ngezibhamu,” kusho umthombo.

Uthe izinkomo abazithathile zingu-8 kanti babekhiphe ezimbili nje kuphela ngesikhathi behlawula.

Umthombo uqhube wathi abakwaNgubane bafuna ukuyozilanda lezi zinkomo.

Umfowabo kamakoti ocele ukungadalulwa igama, uthe ufuna lolu daba lulungiswe ngesizotha ngoba baganiselene nabakwaShozi.

“Ngokwazi kwami ezinkomeni zenhlawulo awukwazi ukuphinde ubale ezizalwe lapho njengezelobolo.

“Phambilini inkomo yenhlawulo ibifike ihlatshwe idliwe, kodwa ukugcinwa kwalezi ebekuhlawulwe ngazo ekhaya, kube yisinqumo somndeni. Uma sezizele, zizalele umndeni wasekhaya, abasekhweni abahlangene nazo.

“Abasemzini bona bangakwazi ukubala izinkomo ezizelwe uma kuzale lezi ezibizwa ngamabheka uma bezilethile, ekhweni labo hhayi ezehlawulo,” kusho umfowabo kamakoti.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele, akakwazanga ukuqinisekisa ukuboshwa kwalaba ngenxa yokuthi ama-computer abenenkinga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.