UManqele ushone ‘esekhethe iNkosi’

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

SHONE isikhethe iNkosi phambi kwezinkumbi zabantu inyanga yaseMafakatini, eMgungundlovu okulindeleke ukuthi ingcwatshwe namhlanje.

UMduduzi Manqele, oshone ngoMgqibelo ebusuku nabasolwa abayisikhombisa abebesolwa ngamacala okuphanga nokuqhumisa imishini yemali, kuthiwa wamangaza abaningi ngePhasika lango-2013 ezinikela okholweni.

Inkonzo azinikela kuyona kuthiwa yayihlelwe nguMfundisi uSizwe Mlotshwa we-Apostolic Faith Mission KwaNgcedomhlophe, eMafakatini.

Le nkonzo yayihlanganise cishe wonke amabandla abasindisiwe ayeqhamuka ezindaweni ezahlukene.

UManqele kuthiwa waya phambili wakhetha iNkosi. Ethintwa uMfundisi Mlotshwa uthe akagcinanga ngokuzinikela kodwa ubefika ebandleni.

“Noma ebengelona ilungu lebandla kodwa ubengayixwayi inkonzo ngoba wabuya wasivakashela ngo-2014. Namanje ngo-2016 uphinde wavela enkonzweni.

“Ngenkathi ngihlele inkonzo yePhasika wakhetha iNkosi phambi kwabefundisi abehlukene namalungu omphakathi. Ubengekho ngaphansi kwebandla lami ngokugcwele,” kusho uMlotshwa.

UManqele ushona nje ubeyiNduna

IyeNkosi yaKwaMpumuza, uNsikayezwe Zondi. Inkosi uZondi inxusa amalungu omphakathi nabangani nezihlobo ukuthi baziphathe kahle, kungabi nezixakaxaka ezizophazamisa inkonzo yokugcina kaManqele.

“Ngicela kube nesizotha afihlwe ngokuthula, kungabi nezinkulumo ngoba ubengumuntu womphakathi.

“Ngizothumela izinduna ziyongimela ngoba siyisizwe silimele kakhulu ngokudlula kwakhe. Ubewusizo ngezindlela eziningi,” kusho uZondi.

Indodana kaManqele, uMnuz Sboniso Manqele, ithe uyise uzongcwatshelwa emizini wakhe eSilaheni, eMafakatini.

Ushona nje ubenomuzi eMerrivale, eHowick naseMaSwazini okuyizindawo zonke ezingaphansi koMgungundlovu.

Kulindeleke ukuthi batheleke ngobuningi babo abantu njengoba ukushona kwakhe kube yindida endaweni futhi nabantu befuna ukuzwa ngomndeni ngokwenzekile njengoba kunamahlebezi amaningi ngokushona kwakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uManqele uke waboshwa esolwa ngokutholakala kwekhanda lomuntu efrijini likaRoger Thusi.

UThusi wathi ubethunywe uManqele ukuthi athole ikhanda kodwa inkantolo yamkhipha phambili uManqele ecaleni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.