Bayanda abaminza emabhishi aseKZN

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

SEZIQALILE izigameko zokuminza kwabantu emabhishi aKwaZulu-Natal njengoba sekukhona asebetholakale sebeshonile kade bebhukuda.

Izolo lishone kusabikwe umuntu oyedwa ominze eNew Beach eThekwini, okuthiwa ubebhukuda nabangani bakhe ngoLwesihlanu wagcina enyamalele. Ukufunwa kwakhe kuqale ngoLwesihlanu kodwa ngesikhathi sokuloba izolo ubengakatholakali.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uColonel Thembeka Mbhele uthe abanye baminze eHarding naseMpangeni.

“Owesilisa ominze eThekwini uneminyaka engu-20 kodwa usathungathwa. UMnuz Mthuthuzeli Mpondo (34) ominze eDakota Beach kuqinisekisiwe ukuthi ubhukude ephuzile. Abanye ababili baminze eMpangeni kwatholakala oyedwa eseshonile onguMnuz Senzo Mthiyane. Omunye akakatholakali,” kusho uColonel Mbhele.

Ubuningi babantu emabhishi kusolakala ukuthi kuyimbangela yalezi zigameko.

UColonel Mbhele uthe bebekhiphe isexwayiso ngobungozi endaweni abebebhukuda kuyo eNew Beach.

Uthe kuminze ingane eneminyaka eyisithupha yashona emfuleni uMkhomazi. Umfana oneminyaka eyishumi uminze emfuleni eHarding.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.