Umkhwenyana ugqoke ekamakoti eshadelwa

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

UMKHWENYANA uphoqelekile ukuthi agqoke ingubo yomshado kankosikazi wakhe ngosuku lomshado ngenxa yokuthi umakoti ubesebona imenza abukeke ekhuluphele.

UWu Shuai ugqoke ingubo yomshado ka-Ou Qian yena wagqoka isudi kamkhwenyana.

Ngesikhathi ehlangana no-Ou Qian okokuqala wayemncane ngomzimba.

Umshado ubusehhotela eShunqing, eNanchong.

Umakoti ungene esteji ephihle isudi emnyama nezibuko zelanga.

Uyise washona ethe akafune muntu ozophelezela indodakazi yakhe uma isishada.

Umkhwenyana yena ubegqoka iveyili kamakoti egcobe ne-make up.

Ngesikhathi uWu ebuzwa ukuthi uyigqokeleni ingubo yomshado, uthe unkosikazi wakhe usezibona emkhulu manje kanti ibingeke isamlingana ingubo yomshado yingakho yena eyigqokile wamnika isudi yakhe.

- DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.