Basobishini abajabule phezu kwamabhokisi

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

BASENKINGENI abasebenzi basemakhazeni abenze umcimbi kaKhisimusi bagxuma phezu kwamabhokisi.

Lesi sigameko senzeke eMoscow, eRussia.

Baxoshwe emva kokuba kuvele i-video ebaveza bedansa phezu kwamabhokisi.

Kuthiwa babegxuma endaweni esetshenziswa abantu abashonelwe lapho bevalelisa khona abathandiweyo babo.

Kuphinde kuvele isikhulu uNatalia G ebhema ugwayi elele phezu kwebhokisi lomngcwabo.

Umlingani wakhe uMarina Guseva eshutheke phakathi kwemilenze ibhokisi lokucela imali.

U-Andrey Ageev uthwetshulwe ezwakala ethi “Ngicela imali yokwenza itshe lesikhumbuzo.”

Laba besifazane babonakala bezama kanzima ukuphuma ebhokisini lomngcwabo.

Abaphathi bamakhaza bathe abanabo abasebenzi abanalawa magama abaqashwe abangcwabi.

Kusolakala ukuthi baxoshwe ngesikhathi kuputshuka le video ngenxa yokuthi abaphathi bebefuna ukungalandelwa abezindaba.

- DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.