USolwazi uzosibhalela ingosi enonile

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO -

ISOLEZWE ngeSonto linethulela uqweqwe lukaSolwazi Bheki Richard Mngomezulu osezobhala ingosi entsha kuleli phephandaba.

Ingosi yakhe izobizwa ngokuthi “Ngeso laseNyakatho”. Izovela kuleli phephandaba ngoJanuwari 8, 2017.

USolwazi Mngomezulu ungowaseNgwavuma, KwaMhlabuyalinga. Uneziqu (degrees) kwipolitiki, History nezemfundo kanti unaneSenior Secondary Teachers Diploma. Uphinde abe neBPaed Degree, amaHonours amabili eyodwa kwiHistory enye kwiPolitical Science, amaMasters amabili eyeHistory, neyePolitical Science nePhD kwi- African Political History. Amahlanu kulama-degrees uwathole emanyuvesi aseNingizimu Africa kanti amabili okukhona nePhD uwathole eRice University eTaxas e-USA. USolwazi Mngomezulu unezincwadi ezine azibhalile. Usenze ucwaningo olunzulu ngezihloko ezingaphezu kuka-90 ezehlukene kuleli nakwamanye amazwe, wahambela amazwe angaphezulu kuka-20 emhlabeni.

UnguSolwazi kwiPolitical Science, uyisikhulu esiphezulu kwisikhungo iMzala Nxumalo Centre for the Study of South African Society. USolwazi Mngomezulu unguMengameli we-Economic History Society of Southern Africa kanti uphinde abe sezinhlakeni eziningi zemfundo.

Uphinde abe kwiNelson Mandela Museum Council. Ucwaningo lwakhe lumayelana nokuxhumana namazwe omhlaba, ukuqhathanisa ipolitiki yase-Africa, ukubusa, imfundo ephakeme nobuholi bomdabu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.