Licokem lowoku

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UKWEHLA kwesibalo sabaculi abangenela umunxa weBest Kwaito Album emiklomelweni yezindondo kumaSouth African Music Awards (Sama), kwenze abagqugquzeli balo mcimbi baqinisa kakhulu imikhankaso yabo ukuthi ingenelwe.

Ithuba labaculi abafuna ukuqokwa livulwe ngoNovemba 1 kanti lizovalwa ngoJanuwari 31 wonyaka ozayo.

Omunye wabahleli balo mcimbi uKologano Sechele uthe basemkhankasweni wokuthi abaculi bangenele umunxa weBest Kwaito Album osuwehlelwe izinga.

“Sifuna bangenele noweBest Maskandi, Best Traditional Album noweBest R&B Soul Reggae. Abaculi okuvumeleke ukuthi bangenele abanama-albhamu kusuka ngoDisemba-2015 kuya kuJanuwari wonyaka ozayo,” kusho uKologano.

Uthe abaculi abafuna ukungenela le miklomelo bangaxhumana nabo ku-support@ samusicawards.co.za ukuze babasize ngendlela okumele bangenele ngayo.

Isikhulu samaSama, uThobela Dlamini, sithe uma ufuna ukungenela kumele ube nazo zonke izidingo.

“Kumele kube owaseNingizimu Afrika. Umuntu esithatha ngokuthi une-albhamu ngonezingoma ezingaphezu kweziyisikhombisa aziqophile kwi-albhamu yakhe,” kusho uDlamini.

Eminye imikhakha emisha eyengeziwe kumaSama nonyaka ngowe-Best African Indigenous Gospel album (Clap & Tap/Zion Music), Best Africa Artist album noweBest AfroPop album.

UDlamini uthe okwamanje basazogxila ekuqokweni kwabaculi ngaphambi kokuba bakhiphe eminye imininingwane ngalo mcimbi uma sekuvaliwe ukuqokwa kwabo.

Indondo ebalulekile yeRecord of the Year ithathwe u-Emtee ngo-2016.

LIN Sp iSA lo mcim US kusuk bazos “ntam uny kw ku p k b n u-A * Kun Ama ubo Big uV A

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.