Amathemba omsakazo alele kuNdlozi

Isolezwe ngeSonto - - EZEMISAKAZO -

UZISHAYA isifuba ngokuba nekhono elihle ekusakazeni umsakazi olandwe ekhaya ngenhloso yokuzowola abalaleli abebengasabonwa.

USifiso Ndlozi waseMadadeni, eNewcastle uthi, namanje asankeneneza amazwi awatshelwa ngumphathi wezinhlelo weNewcastle Community Radio uMondli Thusi emcela ukuba abuyele emsakazweni.

“Ngake ngasakaza kulo msakazo kusukela ngo-Okthola 2012 ngayeka ngo2014.

Ngenxa yokuthi ngenza izifundo zeSafety In Society engazenza eMajuba FET ngiziqhubekele nemisebenzi yami ngakhohlwa indaba yomsakazo,” kusho uSfiso.

Yingakho engakholwanga uma ethola ucingo ngenyanga edlule lumbizela kulo msakazo ngenxa yokungagculisi kwezibalo zabalaleli. Ecelwa ukubuyela emsakazweni uvumele phezulu. Namhlanje uqeda inyanga yesibili esakaza ngempumelelo kanti nabantu sebeqalile ukuncoma nokujabulela ukubuya kwakhe emoyeni.

Uthe ukwethenjwa ngokwenza umsebenzi omkhulu kangaka kumnika ugqozi nokuzethemba.

“Angifuni ukwenza iphutha ngithathe kancane abalaleli nabaphathi abakhombise ukungethemba. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngibanika abakudingayo,” kusho uSfiso.

Ukuqala ukungena kwakhe emsakazweni, kube ngemuva kokunqoba umncintiswano ngo-2012. Uthe ungene kulo msakazo eqashelwa ukwethula uhlelo lwantambama iN11 Afternoon Drive eqala ngo-3 kuya ku-6 ntambama . Lolu hlelo ulwethule iminyaka emibili.

Njengoba esekhuza ibuya ubambe i- Electrified 20 Hits Countdown engena ngo-2 ntambama kuya ku-5 ntambama ngoMgqibelo neLoxion Culture engena phakathi nesonto ngo-12 kuya ku-3 emini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.