UJordaan uzithethelela ngokuhoxa okhethweni

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

Football Association nguyena ogcine eseqokwa ngo-elethu ngemuva kokuhoxa kukaJordaan nobengumengameli uSuketu Patel, waseSeychelles obehlezi kulesi sikhunda iminyaka emihlanu.

UJordaan akagcinanga ngokuhoxa kwesikamengameli kuphela, uphinde benoDavid Fani noMcLean Letshwidi (bobabili baseBotswana) bahoxa ekutheni babe ngamalunga angavoti, esigungu sale nhlangano ngaphansi kweSADC (Southern Africa Development Communty).

Ngaphambi kokuthi ahoxe ngemizuzu yokugcina bekunemibiko ethi uJordaan kungenzeka aqokwe njengomengameli omusha weCosafa njengoba bekubukeka sengathi nguyena othwelwe ngeqoma.

Exoxa neSolezwe ngeSonto ngemuva kokhetho uJordaan uthe kwesinye isikhathi kufanele uzihlolisise ngoba ngeke ubekhona kuyona yonke indawo.

“Ngithe uma ngibhekisisa ngabona ukuthi kufanele ngihoxe ngoba nginomsebenzi engiwenza kwiCAF ngokunjalo nakwiSafa ngihlalelwe umsebenzi omkhulu wokulungisa inhlangano. Ngaleyo ndlela ngibone kungcono ukuthi ngihoxe,” kuchaza uJordaan.

Akusikhona okokuqala uJordaan ehoxa emjahweni wesikhundla sokuhola iCosafa njengoba naseBotswana ngo 2012, enza okufanayo wadedela uPatel ukuthi aqhubeke nokhetho.

Ukuhoxa kwango 2012 uJordaan wazithethelela ngokuthi wabona ukuthi abantu abaningi abakamazi wabona ukuthi kungcono ukuhoxa ukuze aqhubeke nokuzisondeza kubantu balesi sifunda.

Wathatha isinqumo sokuhoxa ngemuva kokuthi eshaye izibalo wabona ukuthi ezifundeni eziwu14 eziyisikhombisa kuphela ezazimthwele ngeqoma.

Kwakuchaza ukuthi ukube

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.