Usavunywa yiminyaka oshwebe ama-Olympics eBrazil

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

UKUBA mncane ngeminyaka ukubedlula bonke abadlali ababhaliswe yiBidvest Wits kwiPremier Soccer League yikho uPhakamani Mahlambi akubeka eqhulwini ezintweni ezimsize ekutheni angasali nesibhobo ngokuphuthwa yingqayizivele yethuba lokumela iNingizimu Afrika kuma-Olympic Games.

UMahlambi (19) ungomunye wabadlali abasize i-Under 23 yaseNingizimu Afrika yayomela izwe okwesibili emlandweni kumaOlympic abeseBrazil ngo-Agasti.

Ukulimala idolo ngoFebhuwari kumkhiphile ezinhlelweni zomqeqeshi u-Owen Da Gama kwamphuthisela nangomklomelo wePSL - iRed Hot Young Player kanti namanje uMahlambi usalindele ukubuyela enkundleni.

“Akubanga mnandi vele ukuphuthwa yithuba lama-Olympic kodwa yinto engingabambelele kuyo. Sengiyidlulisile. Ngenye yezinto ezenzekayo ebholeni,” kusho uMahlambi ngemuva kokuhlala ebhentshini angadlaliswa bebambana ngo 0-0 neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoLwesithathu.

“Yimina omncane kunabo bonke abadlali eqenjini. Lokho ngikholwa wukuthi kungisizile kakhulu ngoba bonke abadlali enginabo bangithatha njengentwana yabo. Bonke bangobhuti kimi. Bayangeluleka. Bangisizile ukwamukela ukuthi ukulimala okungiphuthisele ama-Olympic yingxenye yempilo yebhola.”

UMahlambi udle ngeminyakazo esheshayo ehlaselayo phambili. Ubanga ijezi nabadlali asebemnkantshubomvu kwiWits okubalwa kubo u-Elias Pelembe, Gabadinho Mhango, Daine Klate, Cuthbert Malajila, Mokgakolodi Ngele no-Eleazar Rodgers.

Lesi sikhwishikhwishi esivale u-2015 ngenothi eliphezulu siqokwa njengomdlali ovelele ngoNovemba nangoDisemba sithi awukho umgomo wokuzibonakalisa esizibekele wona.

“Wonke umuntu unezifiso zakhe vele,” ephendula umbuzo wokuthi ikhona yini imigomo azibekele yona. Ukuphuthwa ama-Olympic akungifakeli ingcindezi. Into emqoka manje wukuthi ngibuyele ekudlaleni ngisebenzela ukuba ngcono kunalokhu engilimale ngiyikho.”

Ubengekho uMahlambi ozakwabo benqoba iMTN8 kodwa amagalelo akhe abasize embangweni wesicoco seligi kwazise bazoya emdlalweni wanamuhla neFree State Stars besendaweni yesithathu kwi-log.

Okunye okungajwayelekile ngokululama kukaMahlambi wukuthi umnewabo uMthobisi kuze kwafanele amnikelele ngesicubu sakhe ukuze kungakhinyabezeki isivinini sakhe uma eselulama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.