NoLANGA KHANYILE

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

Ukuhamba kwakhe manje kungaphazamisa iqembu emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba seRussia kuphoqe nokuthi kuphinde kuqalwe kabusha futhi, phakathi kwezinye izinkinga.

Ngenkathi eqashwa uMashaba ngingomunye wabathakasa. Ngathi umfanele umsebenzi ngoba uyinkakha yebhola, unesipiliyoni sokuqeqesha esigabeni esikhulu, unesipiliyoni sokuqeqesha amaqembu esizwe, unerekhodi elihle kwiBafana, uqonda usiko-mpilo lomthenisi waseNingizimu Afrika futhi uwumuntu omnyama. Namuhla ngiyagwajaza uma ngikhunjuzwa engakusho.

Ngenxa yokuthi uMashaba usendleleni kanti eyomuntu ozovala isikhala sakhe isisezithebeni vele, angisale sengiphakamisa igama lomuntu. Into enhle ngo“muntu wami” wokuthi ngaphezu kokuba nazo zonke lezi zinto ezingenhla, usemncane kanti ulambele impumelelo. Ah, okunye wukuthi uyinkunzi. Okukhulu kakhulu wukuthi lapho ekhona usezuze konke abengakuzuza.

Uma uqagele kahle ukuthi ngisho bani, akunamklomelo – ngisho kaKhisimusi. Ehhene, ngisho uPitso Mosimane.

UMosimane ushanelile izicoco kwiMamelodi Sundowns nase-Afrika, manje udinga inselelo entsha. Noma ethi ufuna ukuphinda azame emqhudelwaneni wamaqembu omhlaba, lapho ompetha baseNingizimu Afrika nase-Afrika bephendulwe ama-amesha khona, kodwa uzuze izinto ezinkulu kwiSundowns. Kuhlale kukuhle ukuhamba usakhunjulwa ngezinto ezinhle ozizuzile, hhayi okwekhehla lomdlali selihhahhamezwa yiziwengu.

UMosimane uhlale esho ukuthi unomcimbi angawuqedanga kwiBafana, njengoba ahamba engashiyanga msizilo.

Okuhle wukuthi ukuhamba kwakhe ngeke kuyiphazamise iSundowns. UManqoba Mngqithi noRhulani Mokoena bangaqhubeka nomsebenzi omuhle abawenzayo.

I-Safa ayiqede noMashaba, iyoshaya indesheni kuPatrice Motsepe, icele uMosimane. Isizwe siyamdinga. ULanga Khanyile uwumqondisi kwaLikhanyile Tutoring & Media. Mthinte ku: langak@likhanyiletm.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.