OwoSuthu ujabuliswa yimiphumela emihle

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

Nomvete) sonke lisishiye simangele ukuthi lingene kanjani.

“Indlela elangena ngayo iyinkomba yokuthi inhlanhla isibuyile, “kuchaza uDlamini.

Lo mdlali (24) owaqala ukudlala ibhola ngakubo eHlokozi edlalela iRed Devil FC ungomunye oshayele Usuthu amagoli amqoka emidlalweni yakamuva.

Uthi okwenze umqeqeshi wamethemba kungenxa yokusebenza kwakhe ngokuzikhandla.

“Ayikho into eyangithokozisa njengo kushaya igoli esagcina sinqobe ngalo sidlala ne-Eagles (Royal).

“Angiyena umuntu othanda ukwehlulwa ikakhulu uma ngibhekene neqembu lasekhaya. Ngakho ukushaya kwami igoli kulo mdlalo kwangenza ngalala ngithokozile.” Omunye umdlalo wanamuhla iJomo Cosmos izothathana neSantos e-Olen Park ngo 3.30 ntambama.

Khonamanjalo iThanda Royal Zulu ingene emlandweni iya ekhefini likaKhisimusi ingakaze yehlulwe nakowodwa umdlalo kusukela kuqale imidlalo yeNFD.

Leli qembu eliqeqeshwa nguRoger Sikhakhane neliyithemba lesifundazwe saKwaZulu-Natal liguqise ngo 1-0 iStellenbosch eKapa izolo. Lo mqeqeshi unqoba nje ngoLwesihlanu iqembu lakhe lidalulela ukuthi selimnikeze inkontileka ezophela ekupheleni kwesizini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.