‘UPitso ngeke ashiye kwi-Downs’

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - Ebika eseShowe Sports Club

UMENGAMELI weMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe uthi akamboni umqeqeshi wezakhe uPitso “Jingles” Mosimane emshiya ngenxa yokuthi akagodoli nemali njengomqashi.

UMotsepe uthi ukuba ngungoqo yikho okuyisitha esikhulu kwamanye amaqembu ayibamba nawo kuPremier Soccer League (PSL).

Lokhu ukudalule izolo kwiJacob G Zuma Foundation Soccer Tournament ebiseShowe Sports Club.

“Angiboni ehamba ngoba siyakhokha kahle. Empeleni kufanele uma ungumqashi uqinisekise ukuthi uyabakhokhela ngendlela abasebenzi bakho. Ngingajabula kabi uma engasayiniswa amaqembu aphesheya kuLa Liga, English Premier League noma iGerman Bundesliga. Ngikusho lokhu ngoba unethalente kumfanele ukucija phesheya. Kepha eyokucija kuleli lizwekazi lase-Afrika kangiyizwa kahle. Ekugcineni vele amaqembu ase-Afrika ngeke abeka okungcono etafuleni kunalokhu esimunika kona,” kuchaza uMotsepe obebonakala ebusweni ukuthi akudikizi ngisho inqulu ngokuthi uMosimane akakayivuseleli inkontileka. Lo macaphuna kusale uphinde wakhuluma ngokudlala kweSundowns kuFifa Club World Cup.

“Yebo siyibambe emsileni asidlalanga kahle neze. Kepha sifunde lukhulu kuloya mqhudelwano. Okungicacele ukuthi kufanele sithole amakhono kubadlali abesebancane ukuze bezokhula bekwazi ukungcweka namaqembu amakhulu emhlabeni. Kungakho sizohleze siyixhasa imiqhudelwano ethuthukisa intsha njengeMotsepe Foundation. Sifuna ukukhiqiza abadlali abazodlala emaqenjini amakhulu kuleli bephinde belekelele nakuBafana Bafana.

“Ukunqoba kwethu iCAF Champions League kuvule inqwaba yeminyango. Okunye okwenzekile ukuthi abadlali abaningi abahlonishwayo bafuna ukuzogijima kuthina. Ngibala abadlali abagijima ku-Al Ahly nakuZamalek. Lokhu kuyizinkomba zokuthi uPitso nethimba lakhe benza umsebenzi oncomekayo. Sisayibhekisisa kahle indaba yalabadlali abafisa ukusijoyina. Uma konke kuhambe kahle siyabasayina,” kusho uMotsepe othe uthwele kanzima abadlali abayibamba emaqenjini amakhulu abazishelelayo kwezakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.