UZodwa Wabantu usedlisa ngisho eLondon

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

SELIFINYELELE kwelinye izinga isasasa lentokazi yodumo lwaseYadini eMlaza edansa ize ikhase phansi ingafake dilozi.

UZodwa “Zodwa Wabantu” Libram useheha ngisho izivakashi zaphesheya kwezilwandle njengoba kuleli sonto kufike izivakashi zaseLondon eNgilandi, eYadini zacela ukuthi zitholelwe le ntokazi ebingekho ngesikhathi zizongcebeleka.

UZodwa Wabantu osekusabalele isithombe sakhe eshaye ngengubo eveza iphenti nobhodisi, uveze ukuthi kusekuncane lokhu kukhulu okuzayo.

Echaza ngomsiko wakhe uthe akukho simanga ngawo, futhi awuhlukile kweminye imisiko egqokwa nawosaziwayo baphesheya ebala ngisho uRihanna.

“Engikwaziyo ukuthi umuntu osabalalise lesi sithombe uyaphapha, akuyena owaseYadini ngoba asikhishwanga yibona.

“Bekushisa yingakho bengigqoke izimpahla zokuphola futhi nabantu baseLondon ebengibizelwe bona ngoLwesibili bangijabulele abazange bakhononde ngalutho.

“Sengikhathele ukuhlala ngigxekwa ngabantu bengibiza ngamagama ekubeni nabo baphila impilo abayithandayo.

“Uma beqhubeka belokhu bekhuluma kabi ngami, ngelinye ilanga ngongena nginqunu eYadini ngilinde ozongikhulumisa,” kusho uZodwa Wabantu ezihlekela.

Le ntokazi eyaziwa kakhulu nangokugqoka amaqhoksi uma idansa, iveze nokuthi abantu sebeyazibala nezicathulo ezigqokayo. UZodwa Wabantu uthi akadingi ukubakhombisa inqwaba yezicathulo anazo ngoba akuzona zonke afuna ukudansa ngazo.

“Ngeke ngidanse ngezicathulo zami zonke ngoba ngifuna ukuchaza abantu.

“Ngike ngabatshela nabanye osisi abebethi bayangiphoxa.

“Angiphileli abanye abantu futhi anginawo umona. Kulabo abafuna ukugqama eYadini umuntu akenze into yakhe ahlukane nami,” kusho UZodwa Wabantu.

Ngaphandle kwaseYadini le ntokazi ihamba zonke izifundazwe lapho imenywa khona ukuzonandisa.

Ngapahandle kwakuleli seyiqalile nokuphumela ngaphandle njengoba beyiseSwazini ngesonto eledlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.