Usethenjiswe umshado uSerena Williams wodumo

Isolezwe ngeSonto - - EZAMAZWE -

UTHELEKE eNew Zealand kuthangi esese umdlali wethenisi uSerena Williams osanda kuveza benesoka lakhe ukuthi sebethembisene umshado.

USerena ongumpetha kwezethenisi uveze lezi zindaba kuleli sonto. Isoka lakhe ngu-Alexis Ohanian ongomunye wabasunguli besizindalwazi iReddit.

Sebethandane cishe iminyaka emibili uSerena no-Ohanian. Kanti kuthiwa umethembise umshado muva nje eRome engazelele.

USerena (35) uveze lezi zindaba kuyona iReddit ngoLwesine ngokubhala inkondlo ethi: “Sisakulo leli tafula esahlangana kulo ngenhlanhla/ Kulokhu akubanga nje inhlanhla/ Kube ngamabomu/ Eguqe ngedolo/ Usho amagama amane/ Mina ngathi yebo.”

U-Ohanian (33) ube esedlulisela le nkondlo kaSerena ekhasini lakhe ku-facebook, wajobelela ngokuthi: “Uthe yebo.”

Selokhu kuvele lezi zindaba abezindaba balokhu bemlandele njalo uSerena ofike e-Auckland Airport ngoLwesihlanu, ezozilolongela umdlalo we-ASB Classic ongesonto elizayo.

Kepha akafunanga ukuphawula ngokuvuma kwakhe umshado kwabezindaba. Ngokwabezindaba zaseAustralia uphendule imibuzo embalwa, wathi ngudadewabo omgqugquzele ukuthi eze eNew Zealand.

“NguVenus wonke lo, ngakho kumele sibonge uVenus uma efika,” kusho uSerena.

“Uthe kumnandi, wathi kufanele ngize kanti ngihlezi ngimlalela udadewethu omdala.”

Ujobelele ngokuthi kumnandi ukuhlezi uya ezindaweni ongakaze uzivakashele.

USerena uveze enkondlweni yakhe ukuthi wafika endlini izimpahla zakhe sezipakishiwe sezilungele uhambo oluyimfihlo olwaluhlelwe ngu-Ohanian.

Kungokokuqala uSerena ekhetha ukukhuluma ngobudlelwano bakhe no-Ohanian emphakathini.

Baqale ukubonana ndawonye eSan Francisco ngoNovemba 2015 emuva kokuputshuka kwe-video yabo endaweni yokudlela.

Ngalelo langa kunomlisa oweba umakhalekhukhwini kaSerena waphuma nawo, le ntokazi yamlandela esixukwini yamfica yabuya nawo yaphindela endaweni yokudlela yaqhubeka nesidlo sayo.

Phambilini uSerena uke wathandana nomrepha obuye abe ngumlingisi uCommon, bathi uma behlukana wathandana nomrepha uDrake abake bathathwa izithombe kaningi besezindaweni zokudlela nalapho kudabuka khona uDrake eToronto, eCanada.

Kepha akuphelanga sikhathi esingakanani bahlukana uDrake (30) wakhonjwa kuRihanna okubukeka sebehlukene futhi njengoba esekhonjwa kuJennifer Lopez (47).-DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.