Sekubanjwe 50 000 wabasebenzi abayizipoki

Isolezwe ngeSonto - - EZAMAZWE -

INIGERIA isisuse ohlwini lwabaholelwayo abasebenzi “abayizipoki” abangu-50 000 kulo nyaka nokuyinto esiyongele imali elinganiselwa ezigidigidini.

Ngokusho kwehhovisi likaMengameli Muhammadu Buhari, owanqoba ukhetho ngonyaka odlule, enesethembiso sokuqeda inkohlakalo kuleliya lizwe lase-Afrika elidume kabi ngemikhonyovu, bangu-11 abantu abaphenywayo ngalokhu kanti abanye babo bayashushiswa.

“Uhulumeni usususe abasebenzi “abayizipoki” abangu-50 000, wongela izwe imali elinganiselwa ku-200 billion Naira,” kusho okhulumela umengameli uMnuz Garba Shehu.

UShehu uthe izinhlelo zokuqeda inkohlakalo zihamba kahle impela.

Ngesonto eledlule uhulumeni waseNigeria wathembisa ukuthi uzovikela izimpimpi ezibika ngemikhonyovu futhi uzozikhokhela, zihlomule u-2.5% kuya ku-5% wemali eyongiwe ngokukhuculula leyo nkohlakalo.

UBuhari usegxeke kaningi uhulumeni owawuholwa yilowo owayenguMengameli uMnuz Goodluck Jonathan ngokuxhaphaza imali yabakhokhi bentela.

Inqwaba yababengongqongqoshe, izikhulu nezihlobo ngesikhathi sikaJonathan, babhekene namacala enkohlakalo.

Amajaji amakhulu abhekene nezinsolo zenkohlakalo yokugwazisa nomkhonyovu. -ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.