Kuzophenywa eyasebaQulusini

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

lwalo oluzothatha izinsuku ezingu-21 kusukela ngoJanuwari 15.

“Leli komiti lizositholela lonke ulwazi oluthinta lolu daba emnyangweni nemeya inikwe ithuba lokuthi iziphendulele ngalo. Asifisi ukuthi kube sengathi sigqugquzela inkohlakalo kodwa sifuna ukuthi kuvele konke okwenzeka ngalolu daba. Lungakhiwa phezulu nje ngoba umthetho olawula omasipala uyasinika ilungelo lokuthi sisungule ikomiti eliphenyayo,” kusho uKhumalo.

UMasipala wasebaQulusini ubuphethwe yi-ANC ngaphambi kokhetho, manje usuphethwe yi-IFP ngemuva kokuhlangana ne-DA ne-EFF.

USotswebhu we-ANC kulo masipala uNkk Maria Mabaso, uthe leli komiti bekuhloswe ngalo ukuthi bamise ukwenza isiphakamiso sokugudluza uMtshali.

“Ngenhlanhla nami ngiyingxenye yaleli komiti elikhethiwe ngizokwenza isiqiniseko sokuthi iqiniso liyavela,” kusho uNkk Mabaso.

UMnuz Blessed Gwala we-IFP uthe: “I-ANC iyaphapha, lolu daba sisanda kuluzwa besisathi sisaluphenywa emnyangweni yona isifuna imeya yehle esikhundleni. . Ayingasifaki isixubho sisanokudla emlonyeni.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Sihle Mlotshwa ukuvumile ukuthi kukhona ukuqondiswa ubugwegwe kwangaphakathi okwenziwe kuMtshali kodwa wangathanda ukwanda ngokuthi lolu daba selukusiphi isigaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.