IPASI NESIPESHELI

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

iqembu labo elingadala ukuthi bathathe amanye amalungu e-NFP?

WONKE amaqembu akhela ngamanye. Lokho akuyona inkinga, nencane. Uma belisungulile elinye asinankinga ngalokho.

KUKHONA yini ukulahlekelwa kwezomnotho okubekhona eqenjini ngesenzo sabo?

KUKHULU ngoba besinamakhansela angu-227 kuzwelonke. Emiholweni yamakhansela eNFP kunemali engu-15% ebanjwa emiholweni yawo bese yenza imisebenzi yeqembu. Njengoba kukhona amalungu angakwazanga ukuvota ngokunjalo nesibalo samakhansela sehlile. Uma sibala imali ebibanjwa emakhanseleni nje ngonyaka ibiba ngu-R8 million okwenza kube ngu-R36 million eminyakeni emihlanu ehlalwa ngamakhansela ezikhundleni.

KUNGANI nithathe isikhathi eside kangaka ukuthi niphume nesinqumo ngoba ukhetho belungo-Agasti 3?

BESIFUNA ukuqinisekisa ukuthi silandela yonke imigudu okuyiyona nokuthi bekubuye kube nezingqinamba zokuthi kubekhona abangaphilile sekumele kuhlalelwe icala bese liyahlehla njalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.