Isahweba indawo ecwasayo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ukuyovula amacala amathathu. Simvulele icala lenkulumo enenhlese yokucwasa, elokuhweba endaweni ngaphandle kwemvume nelokuthi akayikhokhi intela.

“Siyimisile imvume yokuhweba kwakhe kule ndawo. Sizoxoxisana nabantu abamnika indawo okuyiNgonyama Trust. Indawo okufanele ahlale kuyo yijele.”

Okhulumela uZikalala, uMnuz Bheko Madla, uthe uhulumeni usalandela yonke imigudu efanele yomthetho ngalolu daba, kuyothi bengaziphothula izinhlelo umphakathi waziswe.

Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo oyiphoyisa laseMbazwane ukuthi akukho okushintshile ngale Guest House, isasebenza.

Kuthiwa amaphoyisa agasela khona abopha intombi kaSlade ngenxa yokuthi yayisebenzisa amaphepha emvume yokuba kuleli ayesephelelwe yisikhathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.