Isiboshwa siqhunyelwe yibhelunde sashona

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

ISIBOSHWA esineminyaka engu-21 siqhunyelwe yibhelunde sashona njengoba belishushumbiswe yintombi yaso.

UCain Hutchinson obeboshwe ejele ePort Philip Prison eVictoria ugwinye ibhelunde ebelinesidakamizwa lamqhumela washona.

Kuthiwa ucele intombi yakhe ukuba imlethele izidakamizwa ejele.

Ngosuku olulandelayo utholwe ephalaza, eqhaqhazela embhedeni wakhe ejele kanti ushonele kwiambulensi.

Sekuqalwe uphenyo maqondana nokushona kwalesi siboshwa njengoba kusolwa ukuthi intombi yaso iyona eshushumbise izidakamizwa ejele.

Kuthiwa lesi siboshwa sifonele intombi yaso, sacela ukuthi ilethe izidakamizwa ngosuku olulandelayo.

Kuvela ukuthi intombi ifike nengane yabo yentombazane nebhelunde eligcwele izidakamizwa.

Ithenge isiphuzo nama-chips emshinini bakudla noHutchinson ngaphambi kokuba ayoshintsha inabukeni enganeni yabo.

Umfumbathise ibhelunde ngaphambi kokuba abuyele lapho bebehleli khona.

Isiboshwa sithathe ibhelunde salifaka emlonyeni saligwinya silisheba nejusi ye-orintshi.

Intombi ithukile ibona lokhu kwenzeka njengoba yona ibizitshela ukuthi uzolibeka emphinjeni njengoba ibibona kuzoba lula ukuthi alikhiphe uma esefike ngaphakathi egumbini lakhe ejele.

Ezinye iziboshwa zifice uHutchinson engqangqazela embhedeni wakhe.

Zimtholele isidlo sasekuseni ukuze abe ngcono.

Ngesikhathi zibuya nephalishi uHutchinson ubesezivalele ethoyilethi.

Iziboshwa zimncengile ukuba avule umnyango.

UHutchinson bekusolwa ukuthi udle ukudla okunoshevu ngoba ubengazange ayithi vu eyezidakamizwa.

Uphuthunyiswe esibhedlela sasejele kodwa wagcina ngokushona.

Emva kwezinsuku ezimbili eshonile intombi yakhe ibizwe abeWyndham Criminal Investigation Unit okuyilapho ihlanze khona iqiniso ukuthi yiyona emlethele ibhelunde elinezidakamizwa.

Ichaze nokuthi izishushumbise kanjani.

Intombi ithe ukuba ayimlethelanga izidakamizwa ubezoquleka.

– Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.