Uxoshiwe uthisha okhahlele izingane

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

UXOSHIWE uthisha okhahlele abafundi ngoba ehluleka ukwenza umdanso abemfundisa wona.

Kuthiwa abafundi bahluleke bancama ukwenza umdanso abebefundiswa wona wuthisha wabo womdanso.

Uthisha kuthiwa ucasuke wathelwa ngamanzi maqede wababamba ngezinwele wabakhahlela ezinqeni. Lokho kumdonsele amanzi ngomsele njengoba egcine exoshiwe esikoleni eLu’an, eChina.

Uthisha nalaba bafundi bebelungisela umcimbi kaKhisimusi abebezodansa kuwona.

Amakhamera akhombisa amantombazane aphakathi kweminyaka emine nemihlanu ebhidilisha ukudansa.

La mantombazane abebukeka engakhumbuli lutho abefundiswa kona.

Yilokhu okucasule uthisha ongadalulwanga igama wavele wawafaka unyawo.

Kusolwa ukuthi amantombazane atshele abazali ngalesi sigameko. Abazali babe sebephoqa ukuthi bakhonjiswa okukuCCTV.

Kuvela ukuthi ubekhona omunye uthisha ekilasini kodwa akazange enze lutho ukulekelela amantombazane abekhahlelwa.

Abazali babopha isikole bafuna isinxephezelo kanti bafune nokuthi uthisha axoshwe.

Uthisha ugcine exoshiwe kanti isikole sixoxa nabazali maqondana nesinxephezelo ngokuhlumezeka kwezingane zabo.

- Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.