Uhanjiswe nqunu ontshontsha izinkukhu

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

IBHUNGU laseNigeria elibanjwe lintshontsha izinkukhu likhunyuliswe izingubo lagaxwa izinkukhu ezintathu emqaleni, maqede kwathiwa alihambe emigwaqweni yaseLagos, eNigeria.

Iqulu labantu lithelekele leli bhungu emuva kokuba libanjwe lintshontsha izinkukhu, lamtitinywa maqembu lafakwa emgwaqweni nezinkukhu emqaleni.

Ngumphakathi wase-Ikorodu, eLagos, osolwa ngokwenza lesi siga.

Leli bhungu lezi zinkukhu kuthiwa lizintshontshe emakethe.

Abantu bebelihleka ngesikhathi lihamba emgwaqweni linqunu.

Esikhundleni sokuthi umphakathi ubize amaphoyisa ukuze liboshwe leli bhungu, uvele wazijezisela wona leli bhungu elisolwa ngokweba izinkukhu.

Kuthiwa lishaywe kanzima lafakwa emgwaqweni nezinkukhu zilenga emqaleni walo.

Kujwayelekile eNigeria ukuthi umphakathi uzibambele ezigebengwini ngoba ungawathembi amaphoyisa.

Usola ukuthi amaphoyisa akhohlakele, kulula ukuwagwazela yingakho umphakathi uncamela ukuzijezisela wona izigebengu.

Igama laleli bhungu alidalulwanga, kanti akwazeki noma ligcine lidluliselwe yini emaphoyiseni noma umphakathi uqedile ngalo. – Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.