Umlingisi usefunda izindaba kuthelevishini

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

UMLINGISI nomethuli wezinhlelo zethelevishini uthe kufezeke iphupho lakhe leminyaka lokusebenza kwithelevishini njengomfundi wezindaba.

UPalesa Mocuminyane usengumfundi wezindaba esiteshini sethelevishini sakwaGupta i-ANN7.

Uthe bese kuneminyaka emibili ezama ukungqongqoza eziteshini zethelevishini ezahlukene, kodwa kungalungi.

“Abantu bebengazela ukuba ngumlingisi nokuba ngumethuli wezinhlelo kanti ngifundele ukuba yintatheli vele. Ngibonga uMdali ngokuthi iphupho lami ligcine lifezekile.

“Ngesikhathi ngiphothula ukufundela ubuntatheli ngisheshe ngangena kwezikaqedisizungu. Noma kunjalo bengingayekile ukufuna umsebenzi wokusebenza ngezindaba. Nakhona kwi-ANN7 bengisifakile khona isicelo somsebenzi, angingenanga ngokuthi vele ngiyaziwa ngokuba kwithelevishini,” kusho uPalesa.

Uthe kwi-ANN7 ungumfundi wezindaba aphinde abe nguphrojusa ezindabeni. Uthe kwi-ANN7 ungena ngezikhathi ezahlukene ngoba kuyenzeka afunde izindaba ebusuku noma emini.

Uthe uqashwe sekuyophela uNovemba.

Njengoba esengene kulo msebenzi uthi iwona azimisele ukukhula kakhulu kuwona ngoba ubesekhathele ukuba ngumlingisi nokuba ngumethuli wezinhlelo ngenxa yokuthi ophrojusa bayaxhaphazana.

Kwithelevishini uPalesa uke walingisa kwiGaz’ Lam, Umfolozi Street, Ashes to Ashes, Zabalaza, Isibaya, Generations nakweminye. Ungumama wengane kaSomizi Mhlongo, uBahumi.

Uke wathula uhlelo lomculo wokholo iGospel Gold kwiSABC1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.