Kuyadumaza okwenzeka emitholampilo yethu

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO -

MHLELI: Kwelakho ngiphoxekile ngento engiyibone emtholampilo wangakithi isalukazi sami sesaphila ngokujova okuyimanje kuphele iviki singajovi ukudambisa isifo sikashukela.

Okubuhlungu uyaya emtholampilo iDondotha kodwa bathi awukho umjovo. Okubi abasho ukuthi akabuye nini.

Uma ebuyela kuthiwe awukho bekungamaholidi, useze wabuyela kathathu lutho usizo. Kubuhlungu ukusebenzisa imitholampilo kahulumeni ngoba usuke unikela ngempilo yakho. Khuluma mhlonishwa Dhlomo uma umuntu ephila ngokujova engayitholi imijovo emtholampilo kumele enze njani? Akekho engcupheni yokufa lowo muntu? Thanda Chonco EMPANGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.