Iyakhula ingoma KwaHlabisa

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UMCIMBI wengoma waminyaka yonke oba ngaphansi kwaMasipala wakwaHlabisa ubukeka uthuthuka minyaka yonke. Lokhu kushiwo yimeya yakule ndawo uMnuz Velenkosini Hlabisa. Kulo nyaka ubuhanjelwe ngisho nabangayilandeli ingoma.

Umculi kamaskandi odabuka kule ndawo Igcokama Elisha ubekhona ukuzobheka ukuthi abekho yini angasebenza nabo.

NgoDisemba 26 bekuqhudelana izintombi nomama besigekle. Iqembu lezintombi Amatsh’amhlophe linqobe engomeni yezintombi, komama besigekle kwaphinda kwanqoba Amatsh’amhlophe.

“Womabili la maqembu athole u-R8000 ngalinye. Umqhudelwano wezinsizwa obungoDisemba 27 kunqobe Isixe lathola u-R8000. Umncintiswano wezinsizwa uthathe izinsuku ezintathu kanti usuku ngalunye belunomklomelo walo,” kusho uHlabisa.

Uthe abalale isibili bathole u-R7000, isithathu u-R6000, isine u-R5000, isihlanu u-R4000. Kusuka kwabalale isithupha kuya eshumini bathola imithobanhliziyo ka-R1000 iqembu ngalinye.

Imiphumela yayizolo kushaye isikhathi sokushicilela ingakamenyezelwa njengoba ingoma yokugcina yokuvala unyaka kwaHlabisa ibiseMpembeni.

Eminye imiqhudelwano yengoma ebikwaHlabisa ibikwaNibela, eMansiya naseSibayeni. UHlabisa uthe imali ebiwinwa amaqembu ibifana kuzona zonke izindawo. Lokhu uthe bakwenzela ukuthi kungabikhona abantu abazophela amandla ngokuthi uma bengawinanga kwezinye izindawo baphundulwe yimali enkulu. Uthe ivangeli abebelishumayela entsheni ebihambele lo mcimbi ukuthi ibhalisele imifundaze ekhishwa wumasipala ukuze ingagcini ngokuba abagidi bengoma kuphela, kodwa ikhono layo ilishebe nemfundo. Uthe imifundaze ekhishwa umasipala ivala ngo-Januwari 9.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.