Ngeke sivalwe esi

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

ISIKHALA sejaji elishiye kuma- Idols SA uGareth Cliff nyakenye asizovalwa kodwa kuzosetshenziswa osaziwayo abehlukene esikhaleni sakhe kuze kuphele isizini yalo mqhudelwano nonyaka.

Lokhu kudalulwe ngokhulumela uMzansi Magic uThandeka Mqaba njengoba iqala inhlolokhono yalo mqhudelwano ngoJanuwari 14.

“Okwamanje alukaqinisekiswa uhla losaziwayo abazoshintshana esikhaleni sikaGareth, kodwa alikho ijaji elizoqokwa ukuthi libe sesikhaleni sakhe ngokugcwele. Bazoshintshana nje kuze kuphele isizini,” kusho uThandeka.

Ukushiya kukaGareth kumenyezelwe kuma- Idols SA nyakenye kodwa zangadalulwa izizathu zokushiya kwakhe.

Ushiya nje ubeseke waxoshwa kulolu hlelo ngasekuqaleni konyaka odlule ngenxa yenkulumo yakhe ayeyibhale kuTwitter. Ngemuva kokuba uMzansi Magic ukhiphe isitatimende ngokuxoshwa kwakhe uwufake enkantolo. Icala abelifake enkantolo livune yena wabuyiselwa ekubeni yijaji kumaIdols SA anyakenye.

UGareth ushiya nje kumaIdols nyakenye kube unyaka okuqopheke ngawo umlando kulo mqhudelwano ngokuthi kunqobe owesifazane njengoba uthathwe nguNoma Khumalo ehlula uThami Shobede kanti bekujwayele ukuthi kunqobe abesilisa.

Izinsuku zenhlolokhono yalo mqhudelwano sezimenyezelwe njengoba eCape Town izoba seGrand West Casino & Entertainment World ngoJanuwari 14, ePretoria izoba se-The State Theatre ngoJanuwari 21, eThekwini izoba sePlayhouse ngoJanuwari 28, kuthi eGoli ibe seCarnival City ngoMgqibelo kuFebhuwari 4.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.