Fufusa emcimbini

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

athe u la ufusa Kubaculi abadumile kukhona uKhuzani, L’vovo Derrango, Zakwe, iHhash’elimhlophe, Thobekile, Hlengiwe Mhlaba, Cevuzile, DJ Bongz, Floda nabanye. Kwabasafufusa kukhona oMa-Africa, Singil, Facebuk, Sonke, Rice, Handsome, Njiva, Ndumi Bless, Dansanie, Hurricanes nabanye. Abaphathi bohlelo ngoTshatha, Ngizwe Mchunu, Mroza, Kini Shandu noMahlobo. UNdaba uthe kuzoqalwa ngokuthi abantu banikwe ithuba lokuzozilolonga esteji sePicnic ebhishi namuhla ngo-8 kuya ku-10 bese kunandisa abaculi. Uthe wonke umuntu oza kulesi siteji kumele afike esekulungele ukuzojima ngokugqoka izimpahla zokujima. Uthe kwamukeleke wonke umuntu futhi akekho ozobe ekhokha ngokuza khona. Uthe kungenwa mahhala njengoba abantu bezobe bezojabulela ukungena onyakeni omusha. Uthe kuningi okunye okuzobe kwenzeka khona kwiPicnic njengoba kunemidlalo enhlobonhlobo ezodlalelwa olwandle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.