Waze wawuphoxa uNdengezi, Fisherman

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

KANTI lo baba onguDJ Fisherman ukucabanga kwakhe kusuka KwaNdengezi kuphele ePinetown. Akazi ukuthi edolobheni eThekwini kugqokwa kanjani.

Uvele wagqokisa kwamarazo emngcwabeni wentwana enguLindokuhle “Mshengu” Shabalala.

Uliphoxile iTheku lilonke nezakhamuzi zalo. Wena kumele uphathiswe okwengane manje uthengelwe izingubo zikaKhisimusi ezizokugcina unyaka wonke.

Ngendlela obugqoke ngayo bekungathi ibhantshi litshelekwe KwaNokweja, eXobho, ibhulukwe liphucwe ikhehla lakwaMhlabuyalingana.

Kuzomele ufakwe ku- Ake Sikwazi ukuze uchaze ngempilo ukuthi ukhule ufisa ukugqoka njengobani. Ayikho phela le nto yakho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.