Akazwile uDJ Muntu

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

NGIYASITHANDA isibindi sikaDJ Muntu odume ngelikaMaster Blaster sokumelana nabe-eNCA. Inqwaba ebiye ngobuningi bayo eYadini eMlaza ngoba izwe kuthiwa i-eNCA izobe isakazela khona ifike yahlehla isizwa uNontobeko Sibisi esekwitiza isiNgisi sodwa. Kodwa uMaster Blaster uzidelile waqonda ngqo kuyona. Ibithi imhloma isiNgisi yena ayihlome isiZulu. Amakhehla angazwile enza njalo ke DJ Madala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.