AbaseMbazwana bazozitika ngedili lomculo namuhla

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

KUHLUKENE inhloko nesixhanti phakathi kukaThokozani Zulu, uT’zozo, noTate Mchunu ngomcimbi waminyaka yonke uMgababa Beach Picnic okube nombango ngawo phakathi kwabo.

Lo mcimbi osekungunyaka weshumi nonyaka ubakhona, usuwele ezandleni zikaTate Mchunu ngemuva kwengxabano ebe phakathi kwalaba bagqugquzeli baze bafakana enkantolo.

UT’zozo uthe asikaphumi isinqumo senkantolo ngawo kodwa akayona ingxenye yokuhlelwa kwawo nonyaka. Uthe uncamele ukuthi ayocula kweminye imicimbi ngoba akayena umgqugquzeli wawo kulo nyaka.

“Ngalesi sikhathi sonyaka angijwayele ukwamukela abantu abangiqashayo ukuzonandisa emicimbini yabo ngenxa yokuthi bengisuke ngiyingxenye yokuhlelwa koMgababa Beach Picnic.

Ngenxa yokuthi sisalinde isinqumo senkantolo ngayo yingakho ngosuku lwayo (namhlanje) ngizobe nginandisa ezindaweni ezintathu ezahlukene okuyiseBotanic Garden, Beach Festival eThekwini naseMnini Dam Picnic,” NJENGOBA kuyisikhathi samaholidi abantu abaningi bazithokozisa ngezindlela ezahlukene kanti nabaseMbazwana baqale izolo ukuzithokozisa ngomculo njengoba kuneMbazwana Music Festival.

Le festival iseMbazwana Sports Complex kanti ihlelwe yiJust Vision Events ngenhloso yokujabulisa abantu bakule ndawo.

UDJ Vumar weGagasi FM osekhaleni lokuhlela le festival, uthe kungokokuqala ukuthi kube nomcimbi wokuhlukanisa unyaka walolu hlobo kule ndawo.

Uthe inhloso enkulu ukugqugquzela ezokuvakasha kule ndawo njengoba inezindawo eziningi zokulala.

“Sicelwe yintsha yakhona ukuthi siyenzele lo mcimbi.

Eqinisweni isicela nje intsha nathi sasivele sifake isicelo sokwenza umcimbi kule ndawo. Isicelo sasifaka kumasipala wendawo, wasithanda yingakho sesiwenza.

Angingabazi nakancane ukuthi uzoba yimpumelelo. Uhlu lwabaculi lwenziwe izinhlaka zomphakathi.

Ngebhadi abanye abaculi abebebafuna abakwazanga ukuthi babekhona kodwa nalaba abakhona babajabulele,” kusho uDJ Vumar.

Kulindeleke ukuthi nanamuhla amalungu omphakathi, izivakashi, osomabhizinisi nentsha evela kuyo yonke iKwaZulu-Natal ithutheleke ngobuningi bayo njengoba iqale izolo izosongwa namuhla.

Abaculi ababoshelwe ngoDJ Merlon noMondli, Mroza wodumo lwengoma ethi Van Damme, Andy X, Happy Gal, Mdix, Character, Nzwiri, Ndumi, Amenisto, Vumar, Mgarimbe, Dynamic, Makhu kanti umphathi wohlelo nguSelbeyonce woKhozi FM no-Andile Gumbi weSibaya.

Amathikithi atholakala emnyango angu-R50 kanti ama-cooler box avumelekile.

I-Just Vision Events isanda kuhlela i-INK Hop Festival KwaMashu kanti ngoDisemba kusho uT’zozo.

UTate uthe ngokwazi kwakhe akukho okusalinde inkantolo ngoMgababa Beach Picnic njengoba sekunguyena umgqugquzeli wawo.

“Njengamanje umcimbi siwuyise eMnini Sport Ground ngenxa yokuthi kusakhiwa ebhishi lapho ubujwayele ukuba khona. Besingafuni ukufaka abantu engozini ngokuthi umcimbi ube sendaweni esalungiswa.

Abantu bazokwazi ukupaka izimoto zabo eMgababa Beach bese bethathwa yizimoto ezizobayisa endaweni yomcimbi ngo-R20. Kodwa abafuna ukupaka ngaphakathi endaweni yomcimbi, amathikithi okupaka ngaphakathi angu-R300 eShell Ultra City.

“Njengoba sizobe sigubha iminyaka engu-10, lo mcimbi ukhona kuningi abantu abangakulindela engizobamangaza ngakho ngosuku lwawo,” kusho uTate.

Uthe amathikithi okungena kuwona angu-R50 eTicketpro. Awezicukuthwane uthe awekho kodwa kuzobe kuyizimenywa kuphela ezingena ngawo. Emacikweni azobe enandisa uthe kukhona uPhuzekhemisi, Zola, Holly, DJ Menace, Zola 7, Professor, Shwi noMtekhala nabanye. 26 ibiyenze iGamalakhe Music Festival nayo ebe yimpumelelo enkulu.

UDJ Vumar uthe basazoqhubeka bajabulise abantu kulesi sifundazwe ngisho amaholidi esedlulile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.